SEBEYOWUPHONSA umbalane abane abangeniswe esibhedlela okuthiwa balimale kugingqika ibhasi ebeliphuma eralini ye-ANC eThekwini, eyenzeke ngaseDumbe ngeSonto ekuseni.
Abebesebhasini ngamalungu nabalandeli be-ANC basesifundazweni iMpumalanga, kanti kule ngozi eshiye kukhalwa kufe abayisishiyagalolunye, kwabaphangalele munye kuphela owesilisa. Abaphathiswa eMnyangweni wezeMpilo uNksz Sasekani Manzini wesifundazwe iMpumalanga noNksz Nomagugu Simelane wakulesi sifundazwe bahambele esibhedlela esiseVryheid beyohlangana nabagileke kule ngozi bangeniswa kuso.
UNksz Simelane uqinisekise ukuthi ekupheleni kwaleli sonto bazohlanganisa amakhanda nobuholi besifundazwe iMpumalanga ukuze kubonakale ukuthi imindeni elahlekelwe ingalekelelwa kanjani.
“Siyabonga umsebenzi owenziwe ngabasebenzi bethu bezempilo abasukumele ukusiza ababandakanyeke kule ngozi. Sithe siwuthola nje umyalezo imenenja ehhovisi lomnyango esifundeni, basondela kuhlanganisa odokotela kwalandwa nabanye abebengekho esibhedlela, konke lokhu kwenzeke ngesikhathi esincane kakhulu. Siyajabula kakhulu ukuthi abasebenzi bezempilo bayakwazi ukuthi basheshe ngaleyo ndlela,” kusho uNksz Simelane.
UNksz Manzini uthe okubathokozisayo ukuthi iningi labangeniswe esibhedlela nasemtholampilo bezokwelashwa sebededelwe.
“Sivumelane ngokuthi abalimele ngeke sibadlulisele kwezinye izibhedlela eziseduze nasemakhaya okuyinto ebesizobhunga ngayo. Sithe abalashwe lapha ngoba bavele banakekelwa khona, ngakho asifuni ukuthi uhlelo lokwelashwa kwabo luphazamiseke,” kusho uNksz Manzini.
Ngokwesitatimende esikhishwe yilo mnyango, bangu-57 abebesebhasini ngesikhathi kwehla lesi sigameko. Oyedwa kwabane abalashwa esibhedlela esiseVryheid udluliselwe esibhedlela i-Grey’s esiseMgungundlovu.