UMNIKELO webhange iDevolpment Bank of SA (DBSA) ungase ube yimpendulo emithandazweni yabasala dengwane ngesikhathi kuhlasela izikhukhula ezashiya kukhalwa ezingxenyeni eziningi zeTheku.
I-DBSA ihlela ukunikela ngezigidi zamaRandi ekwakheleni izindlu imindeni eyasala ingenayo indawo yokufihla ikhanda ngesikhathi kuhlasela izikhukhula ngoEphreli.
Izindaba zomnikelo ohlelwa yiDBSA zivele ngesikhathi kunomhlangano wesigungu esiphezulu kuMasipala waseThekwini.
Kuvele ukuthi iDBSA izokhipha uR14 million wokwakha izindlu ezingu-100 ezizonikezwa abanye abakhahlanyezwa yizikhukhula.
Kuthiwa lezi zindlu zizokudla uR140 000 iyinye. Osekusele wukuthi umhlangano woMkhandlu weThekwini wamukele lolu xhaso bese kuyaqala ukwakhiwa.
Ibalelwa ku-6000 imindeni eyasala ingenamakhaya eThekwini ngesikhathi kuhlasela izikhukhula.
Eminye yale mindeni isakhosela ezakhiweni zemiphakathi, okubalwa kuzo amahholo, amasonto nezikole.
Isikhulu esibhekele ukuxhaswa kohulumeni basekhaya eDBSA, uMnuz Chucheka Mhlongo, sithe ezindlini ezizokwakhiwa kuzohlomula imindeni ehlwempu.
“Imindeni ezobekwa phambili yileyo ephethwe ngabantu abaswele, kungaba yileyo ephethwe ngabantu asebegugile noma ephethwe yizingane neyabantu abaphila nokukhubazeka. Labo asebeke bahlomula ngezindlu zesikhashana ngeke bahlomule kulolu hlelo.”
UMhlongo uthe bathumele onjiniyela abayisishagalombili ukuyohlola umonakalo nokuthi kuzokudla malini ukwakha.
UMasipala waseThekwini uthe usuzikhombile izindawo okuzokwakhiwa kuzo izindlu.
Isikhulu esiphezulu ophikweni lwezokuhlaliswa kwabantu kumasipala, uNksz Beryl Khanyile, sithe ngokubambisana noMnyango wezokuHlaliswa kwaBantu KwaZulu-Natal, bakwaze ukubona indawo eseReservior Hills naseMpumalanga kwaC okuzokwakhiwa kuzo izindlu.
“Indawo eseReservior Hills ingama-hektha angu-13 110, kuzokwakhiwa izindlu ezingu-70 kuyo. Lo mhlaba ngokahulumeni waKwaZulu-Natal. EMpumalanga kwaC khona kuzokwakhiwa izindlu ezingu-30,” kusho uNksz Khanyile.
Uthe umnikelo weDBSA uzolekelela kakhulu.
“ITheku lahlaselwa yizikhukhula ezingakaze zibonakale. Zakhahlameza kakhulu labo abahlala emijondolo. Lokhu kwaholela ekutheni iningi lalezi zakhamizi liye kokhoseliswa ezindaweni zesikhashana. Yize ikhona imizamo yokwelekelela abakhahlamezekile, umnikelo weDBSA uzosiza kakhulu. Izimo abantu abakhahlamezekile abaphila ngaphansi kwazo kazizinhle. Lo mnikelo uzobasiza bathole izindawo zokuhlala ezisezingeni.”