ITheku lizoqhubeka libe yikhaya lombuthwano wezokuvakasha nezamabhizinisi, i-Africa’s Travel Indaba, kulandela ukusayinwa kwesivumelwano seminyaka emithathu egunyaza lokho.
UMnuz Themba Mzilikazi Khumalo, oyibamba lesikhulu esiphezulu seSouth African Tourism, uthe bajabule kakhulu ngokuthola ithuba lokusingatha lo mbuthwano wezokuvakasha osiza kakhulu ukufukula umnotho waKwaZulu-Natal.
“Kulo nyaka sisingathe i-Africa’s Travel Indaba okokuqala emva kweminyaka emibili ingenziwa ngenxa yokubheduka kobhubhane lweCovid-19, ngakho sijabule kakhulu ngokuthi sizoyenza futhi ngo-2023.
“Sithokozela nokuthi sisayinde isivumelwano sokuyisingatha kule minyaka emithathu ezayo. Lo mbuthwano usiza kakhulu ukufukula umnotho wezwe, uphinde ubambe iqhaza elisemqoka ukukhulisa umkhakha wezokuvakasha,” kusho uMnuz Khumalo.
UMnuz Nhlanhla Khumalo, ibamba lesikhulu esiphezulu seTourism KZN, uthe umbuthwano uzoheha izivakashi zamazwe omhlaba eziyizinkulungwane, nokuzosiza kakhulu ukuqhuba uhlelo lwabo lokufukula imboni yezokuvakasha kulandela ukukhinyabezwa yiCovid-19.
“Lo mbuthwano wokuhwebelana uphinde ube wukhiye omkhulu wokuthuthukisa osomabhizinini abasafufusa, abazothola ithuba lokukhangisa ngemikhiqizo yabo, nokuzophinde kusize ukukhulisa amabhizinisi agxile kwezokuvakasha,” kusho uMnuz Khumalo.
IMeya yoMasipala weTheku, uMnuz Mxolisi Kaunda, ithe ikwamukela ngezandla ezimhlophe ukubuya kwe-Africa’s Travel Indaba, eThekwini, ikakhulu ngoba iwumcimbi okuqhakambisa imikhiqizo yaseNingizimu Afrika.
“Njengoba ukubhalisela ukuba yingxenye yawo sekuvuliwe nje, sinxusa osomabhizinisi abehlukene endimeni yezokuvakasha ukubhalisa ngokushesha ukuze bangaphuthwa yingqayizivele yethuba lokukhangisa ngemisebenzi abayenzayo,” kunxusa uMnuz Kaunda.
Imenenja yedolobha iTheku, uMnuz Musa Mbhele, ithe sekuyisikhathi eside bebambisene ne-Africa’s Travel Indaba, ngakho bajabule ngokuphinde bathole ithuba lokusingatha lo mbuthwano ongeminye yemikhulukazi emhlabeni, iminyaka emithathu ezayo.
“Lokhu kusozisa ukubeka idolobha iTheku ezingeni eliphezulu nelithenjwayo lokuthi yilona dolobha elilungele ukusingatha imibuthwano efuze lo,” kusho uMnuz Mbhele.
USIhlalo weBhodi le-ICC, uMnuz Glen Mashinini noNksz Lindiwe Rakherebe oyiSikhulu esiPhezulu, nabo badlulise amazwi okubonga ngokuthola ithuba lokusingatha umbuthwano, baqinisekisa ukuthi sebekubheke ngabomvu ukwamukela bonke abazoba yingxenye yawo.
I-Africa’s Travel Indaba 2023, kulindeleke ukuthi ihehe izivakashi zakumazwe omhlaba ezingaphezu kwa-8 000. Kweyakulo nyaka, bangaphezu kwa-634 osomabhizinisi bakumazwe awu-19 abakhombisa ngamabhizinisi abo, besekwa ngabathengi abalinganiselwa ku-956, kuhlanganiswa abakuleli nabakwamanye amazwe.
Ngaphezu kwalokho, balinganiselwa ku-282 abamaziko ezindaba ababeyihambele, nabawu-13 804 ababehambele izigcawu zokucobelana ngolwazi lwamabhizini isaqhubeka.
Abafuna ukukhangisa ngamabhizinisi abo, abafisa ukuyethamela nabezindaba abafuna ukuba yingxenye yayo, bangabhalisa kule-website ethi: https://www.indaba-southafrica.co.za/