UMASIPALA weTheku uthe kuyagqugquzela ukuthi nakuba usabhekene nezinselelo zokulungisa umonakalo wezikhukhula kodwa ukwazile ukuthola umbiko wezimali omuhle.
UMasipala weTheku uphefumule kanje emuva kokuthi uMcwaningimabhuku ethule umbiko ongenagcobho emhlanganweni wamakhansela.
Kuvela lo mbiko nje iMeya yeTheku uMnuz Mxolisi Kaunda isanda kusinda besho ukuyiqeda ngevoti lokungabethembi ubuholi bayo.
Umbiko ongenagcobho usuke uchaza ukuthi imali iphethwe kahle, akukho okutheni okushayisa amakhala ngamabhuku esikhungo esisuke sibhekwa.
Abacwaningimabhuku bathe iTheku liyiphethe kahle imali. Lokhu bakuthole emabhukwini ahanjiswe wumkhandlu. UMasipala weTheku uthe lokhu kukapakela nasezikhungweni ezingaphansi kwawo, iShaka Marine Theme Park ne-ICC.
“Nakuba sijabula kodwa siyaqonda ukuthi kusekhona izinselelo maqondana nokuthengwa kwempahla nokuphathwa kwezinkontileka, ukulawulwa kwezindleko nokunye. Ikhona imizamo esiphezu kwayo yokulungisa lokhu,’’ kusho umasipala esitatimendeni sawo.
UMasipala uthe nakuba kusekhona ubunzima kodwa kuningi okuhle olokhu uqhubeka nokukwenza.
“Nakuba sisazama ukulungisa umonakalo wezikhukhula zango2022 kodwa siyaqhubeka nokusebenza kahle. Ukusabalaliswa kwamanzi manje kuku-79.08% uma kuqhathaniswa no-40% esahlala kuwona ngemuva kwezikhukhula,’’ kusho umasipala.
UKaunda uthe nakuba bejabula kodwa basazimisele ngokuqhubekela phambili balungise okunye. Uthe kukhona amaqhinga abawasebenzisayo ukuzama ukulawula ukusebenza komkhandlu.
Uthe uMasipala weTheku uyavumelana neziphakamsio zabacwaningimabhku, ukuthi kuqiniswe ukwelusa ukusebenza komkhandlu ngazo zonke izikhathi.
IMenenja kaMasipala weTheku, uMnuz Musa Mbhele nayo ithe kufanele bahlabele phambili baqinise kakhulu kunakuqala.
“Sizobheka kakhulu udaba lokwelusa ukusebenza nokubheka ukuthi wonke umuntu usebenza ngendlela, uthobela imithetho. Sifisa nokuqinisa kakhulu kwingqalasizinda bese siphuthumisa izidingo zabantu, kwakhiwe anamthuba omsebenzi,’’ kusho uMbhele.