ISOSHA elibhekene necala lokubulala umkalo ekuqaleni konyaka lizokwazi ngoLwesine ukuthi liyayithola yini ibheyili noma cha.
UMnuz Lwanda Mxolisi Zungu obeyisosha loMbutho wezempi wakuleli iSouth African National Defence Force (SANDF), usolwa ngokudubula abulale umkakhe, uNkk Tania Zungu (36).
Isehlakalo kuthiwa senzeka emzini wabo osePinetown. Izolo bekulindeleke ukuthi iMantshi, uWendalynn Robinson akhiphe isinqumo ngebheyili kodwa washaya ungqimphothwe.
Uthe kunezinto okumele aqale azibhekisise, isinqumo sesizophuma ngoLwesine.
"Angeke kulunge ukuthi ngikhiphe isinqumo namhlanje. Kunezinto okumele ngiqale ngizibhekisise kuqala mayelana naleli cala," echaza.
Ngaphambi kwalokho umbuso ushayele isipikili sokugcina uveza amaphuzu oweseka ngawo ukuthi kungani kumele isosha lingayitholi ibheyili.
UMshushisi u-Enud Franko zithe zisuka nje wasola umsolwa ngokusebenzisa ingane yakhe eneminyaka engu-14 ukuzivikela.
"Bekungafanele umsolwa avunyelwe ukuthi ingane yakhe ayenzise isitatimende sokuthi imvikele. Le ngane ithe iyamdinga uyise kumele ayithole ibheyili," usho kanje.
Umshushisi ubuye wakhala ngokuthi isosha akumele lidedelwe ngoba lingaletha ukwesaba kwabomndeni kamufi.
Umsolwa ubefake ishethi elimhlophe efake nothayi oluhlaza.