ISIQEDIWE inhlolokhono yozoba imenenja kaMasipala waseThekwini.
Lokhu kuvezwe imeya yalo masipala, uMnuz Mxolisi Kaunda, ochithe izinsolo zokuthi kube nokwenzelela ngesikhathi kunohlelo lokukhethwa kozoba imenenja yalo masipala oyisizinda somnotho waKwaZulu-Natal.
Ngeledlule iDA iveze ukuthi ilunywe indlebe ngokuthi ubuholi be-ANC KwaZulu-Natal sebumkhombe ngentshebe loyo obufuna ukuthi angene kulesi sikhundla.
Ngokwesitatimende esakhishwa iDA ngaphambi kokuthi kuqale inhlolokhono,ofunwa ubuholi be-ANC usebenza kwabanye omasipala abasoGwini lwesifundazwe njengamanje.
Izolo, uKaunda uveze ukuthi baqede ukwenza inhlolokhono ngeSonto. Uthe bazokwethula umbiko ogcwele emhlanganweni wesigungu esiphezulu olandelayo.
Ozoqashwa kulesi sikhundla uzongena esikhundleni sikaMnuz Sipho Nzuza, okwagqabuka igoda phakathi kwakhe nomasipala ngonyaka odlule.
UNzuza wahlukana nomasipala emva kokuthi ehlale isikhathi eside emisiwe emsebenzini. Wamiswa emsebenzini emva kokuthi ethweswe amacala enkohlakalo athinta ithenda lezigidi zamaRandi kuMasipala waseThekwini.
UKaunda ukuchithile ukuthi kube nokwenzelela ngesikhathi kunohlelo lokuqokwa kwemenenja kamasipala.
“Akukho mhlangano oke waba khona, lapho kuvunyelwene ngokuthi ubani okufanele aqokelwe kulesi skhundla. I-ANC ayihlangene nokuqashwa kwezikhulu zomasipala.”
Amakhansela aqhamuka emaqenjini aphikisayo, athe kukhona okushaya amanzi ngohlelo lokuqashwa kwemenenja yalo masipala.
Ikhansela le-IFP, uMnuz Mdu Nkosi, lithe bakhathazekile ngalezi zinsolo.
“Esingakusho nje ukuthi ayinuki ingosiwanga. Yebo umhlangano okukhulunywa ngawo kwakuwumhlangano we-ANC, kodwa kukhona abasipotshozela okwaxoxwa kuwona.
“Lezi zinsolo zidala ukuthi singabe sisaluthemba uhlelo lokuqokwa kwemenenja kamasipala. Sesizolinda ukubona ukuthi akuzukuqashwa yini lo muntu okukhulunywa ngaye.’’
Ilungu leDA, uMnuz Thabani Mthethwa, lithe babevele beshilo ukuthi amakhansela amanye amaqembu kufanele nawo avunyelwe ukuthi abe ingxenye yohlelo lokuqokwa kwemenenja kamasipala.
“Ukube onke amalungu esigungu esiphezulu avunyelwe ukuthi abe ingxenye yalolu hlelo, nginesiqiniseko sokuthi bekungeke kube nalezi zinsolo.