INGAPHEZU kwengu-20 imizi ekhahlanyezwe yisiphepho sangoMsombuluko ntambama ezindaweni eziseMpangeni.
Lokhu kudalulwe yiMeya yoMasipala waseMhlathuze, uMnuz Xolani Ngwezi, izolo obehambele eMandlakala, eBhekisitha, emndenini womnikazi wenkampani yokwakha, iPetros Alfred Construction, uMnuz Petros Khumbane, oshone kulesi siphepho ngesikhathi ewelwa udonga. UNgwezi nezikhulu zikamasipala beziyokhalisana nawo ngokwehlile. Uthembise ukuthi bazowulekelela umndeni ngezindleko zokufihla.
“Silana kwaKhumbane ukuzoduduza umndeni ngokudlula emhlabeni kukababa wekhaya emva kokuhlasela kwesichotho ngoMsombuluko, ezindaweni ezahlukene ngaphansi koMhlathuze. Siwucelile umndeni ukuthi usondele kithi ukuze siwulekele nangezindleko zomngcwabo,” kubeka uNgwezi.
Eqhuba uthe ingaphezu kwengu-20 imindeni ekhahlanyezwe yilesi sichotho. Kukhona nezindawo ezilinyalelwe ugesi nomgwaqo. Besilindele umbiko ogcwele ovela ethimbeni elibhekelele izinhlekelele. Ukuze bezonhlonza umonakalo odalekile, bahlinzeke nemali yokuwulungisa.
Imeya ibuye yadlulela esakhiweni sendawo yokuzivocavoca, eSikhawini Fitness Centre, esiqalile ukwakhiwa nezodla uR160 million kanye nasesakhiweni sokuhlinzeka ngamanzi, khona eMandlankala, sika-R51 million, ukwakhiwa kwaso okwaphazamiseka nyakenye ngenxa yenkohlakalo. Sizohlinzeka amawadi angaphezu kuka-15 ngamanzi. Kuphinde kwathulwa nezimoto ezintsha zokusebenza.