INGONYAMA uMisuzulu Sinqobile kaZwelithini, inxuse amaqembu ezepolitiki akhankasela ukhetho oluzayo ukuba abekezelelane.
ISilo sinxuse ukuthi kube nokuthula KwaZulu-Natal, njengoba amaqembu ezepolitiki eqinisa imikhankaso yokhetho oluzokuba ngoMeyi 29.
Lokhu sikusho ngesikhathi sethula inkulumo yokuvula isiShayamthetho saKwaZulu-Natal.
“Ngifisela wonke amaqembu azokube ekhankasela ukhetho inhlanhla,” kusho iNgonyama.
Umcimbi wokuvulwa kwesiShayamthetho saKwaZulu-Natal ubuseMgungundlovu, izolo. IKwaZulu-Natal ibhekene nengwadla yokubulawa kosopolitiki.
Ngokwezibalo zamaphoyisa angaphezu kuka-52 amakhansela asebulewe KwaZulu-Natal kusukela ngo-2018.
ISilo sikhiphe umyalelo wokuba kuphele ukubulawa kosopolitiki namakhosi.
“Ukubulawa kwamakhosi nosopolitiki kufanele kuphele, lona umyalelo oqhamuka endlunkulu. Siyisifundazwe esinokuthula. Konke lokhu kuchitheka kwegazi kufanele kuphele. Ngifisa ukunxusa abezokuphepha ukuba balandele lezigilamkhuba ezinikeza isifundazwe sethu igama elibi.”
ISilo sisebenzise inkulumo yayizolo ukuqinisekisa izinqumo esisanda kuzithatha.
Sibikele amalungu esiShayamthetho ngokuqokwa kukandunankulu kaZulu, Mfundisi Thulasizwe Buthelezi, nephini likandunankulu kaZulu, inkosi Phathisizwe Chiliza.
UButhelezi noChliza baqokwa ngenyanga eyedlule ngesikhathi kunoMkhosi waseSandlwana.
ISilo siyalele uButhelezi noChiliza ukuba basukume, babonwe yiwo wonke amalungu esiShayamthetho. Lokhu sithe sikwenza ngoba nakhu kukhona abathi ababazi.
“Basebenze kakhulu neSilo esebuzile, yingakho ngibathemba kakhulu. Ngokubambisana nabo sizoyisa isizwe phambili.”
ISilo siqinisekise amalungu esiShayamthetho ukuthi senze izinguquko esikhwameni esibhekele umhlaba kaZulu, Ingonyama Trust.
Phakathi kwezinguquko ezenziwa yiSilo, kubalwa ukhomba indlela owayengusihlalo, inkosi Thanduyise kaMpiyezintombi Mzimela, sabe sesizibambela sona.
“Inhloso yezinguquko ukubona abantu abahlala ngaphansi kweNgonyama Trust behlomula.”
ISilo sitshele amalungu esiShayamthetho ukuthi kuzovulwa ngokusemthethweni umfuziselo weSilo uShaka, esikhumulweni sezindiza iKing Shaka.
Kuzophinde kuvulwe umfuziselo weSilo uGoodwill Zwelithini kaBhekuzulu, esiShayamthetho esidala, oNdini.
ISilo siphinde sagcoba owengumsakazi woKhozi FM, uNgizwe Mchunu, njengomengameli wamabhinca.
Usihlalo we-EFF KwaZulu-Natal, uMnuz Mongezi Thwala, uthe kubaphoxile ukuqokwa kukaMchunu. Uthe nakuba besihlonipha isinqumo seSilo kodwa abasoze bamhlonipha uMchunu.
UThwala ukhale ngokuthi uMchunu uhlale esusa udweshu, wathi akakwazi ukuhlanganisa abantu.
ISilo sithe abadidiyeli bamabutho kaZulu kufanele basebenzisane namabhinca.
“Lesi sizwe sibukeka sikhula, kufanele sisisondeze eduze.”
UNgizwe ujabulise okwengane ngemva kokuvunywa yiSilo.
Uthe akusikhona okokuqala ukuba evunywa endlunkulu wathi noMdlokombane wamqoka ukuba abe yinxusa ngaphansi komkhankaso wokukhuthaza abafana ukuba basoke.
Umcimbi wayizolo ubuhanjelwe abasendlunkulu, okukhona kubo uMntwana uBambindlovu kaZwelithini, undlunkulu wakwaLinduzulu, uThandekile Jane Ndlovu Zulu, ababengondunankulu baKwaZulu-Natal, uMnuz Sibusiso Ndebele, Dkt Zweli Mkhize, noMnuz Willies Mchunu, kanye nezinye izicukuthwane.