ISILO uMisuzulu kaZwelithini sithi sesiphelelwa yisineke Sabantu ababiza imihlangano yamakhosi bese begxeka sona.
Ngomlomo womkhulumeli waso, uMntwana u-Afrika wasoNkweni, iSilo sithi okokugcina manje sikhuza labo abaziphatha ngalolu hlobo.
“Uma kunemihlangano ethinta izindaba zobukhosi, isimemo sizosuka ehhovisi leSilo ngqo. Hhayi le mihlangano okuthiwa eyobukhosi kodwa kuyokhulunywa ipolitiki. Ukuhlangana ngeSilo noma ngombuso kuyicala elinzima kabi, lento siyifanisa nemizamo yokuketula umbuso,” kuchaza uMntwana u-Afrika.
Uthe siphelile isikhathi sabantu abaziphatha budlabha wathi yisikhathi sokubumba isizwe futhi okumele kwenzeke ngenhlonipho. Uthe abantu kumele bakhumbule ukuthi iNgonyama, ingumlomo ongathethi manga.
“Okubalulekile njengamanje ukwakha isizwe kunokusiqhatha. Inhlonipho iwumongo wakho konke. Asihloniphane, abadala nabancane kwakhiwe isizwe.”
Uphinde wakugcizelela ukuthi uMnuz Thanduyise Mzimela, unguSihlalo osemthethweni weNgonyama Trust, futhi akukho okuzoshintsha kulokho.
Namhlanje iSilo simenywe ngamalungu eSishayamthetho, lapho sizofike samukele umfuziselo kaMdlokombane, iNkosi uZwelithini kaBhekuzulu onguyise weSilo esibusayo.