ZISHAQISE abantu abaningi izindaba zokudlula emhlabeni kukaNgqongqoshe woMnyango wabaSebenzi kuHulumeni wentando yeningi, uMnuz Membathisi Mphumzi Shepherd Mdladlana. Ngokusho kweSABC News Channel umufi (72) udlule emhlabeni ekwakhe eCape Town, ngoLwesihlanu ntambama.
Okhulumela umndeni uMnuz Mayibuye Sokupa utshele iSABC ukuthi uMdladlana ushone emuva kokugula isikhashana.
UMdladlana waba ngungqongqoshe ngoJulayi 1998 emuva kukamufi uMnuz Tito Mboweni, oshone ngo-Okthoba 12. Umufi wazalelwa eKeiskammahoek. e-Eastern Cape. Waqala waba nguthisha efundisa eVukukhanye Primary ngo-1972 ngaphambi kokungena ezinyunyaneni zothisha phakathi kuka-1984 no-1994.
Waba ngomunye wabasunguli nomengameli wokuqala wenyunyana yothisha iSouth African Democratic Teachers' Union (Sadtu). UMengameli wakuleli, uMnuz Cyril Ramaphosa, uthe zimphathe kabi izindaba zokushona kukaMdladlana.