SIKHULU isililo ngokubulawa kwenyanga yaseMlaza, uMnuz Nhlanhla "Sibushebushe" Cele, obese esinde izikhawu bemhlasela.
UCele wazakhela udumo olukhulu ngembiza esiza amadoda ekamelweni, iSibushebushe.
Ukuduma kwale mbiza kaCele yikhona okwadala ukuthi naye agcine esebizwa ngoSibushebushe.
Udutshulwe izinhlamvu eziyisithupha ekhanda esendaweni yakhe yokudayisa utshwala iYellow Lounge, eMlaza.
Kuvela ukuthi wehle emotweni kwase kuqhamuka amadoda amathathu avulela ngenhlamvu ebhekise kuyena, amdubula ekhanda nasesifubeni.
Abahlaseli kuvela ukuthi bathathe nemali yakhe ebilinganiselwa ku-R40 000.
Uphuthunyiswe esibhedlela eMshiyeni nokuyilapho ashonele khona.
Ngonyaka owedlule, bamhlasela bamdubula ngentululwane yezinhlamvu kodwa wasinda, wayolala esibhedlela.
Kuvela ukuthi nakulo nyaka bazamile ukumdubula nakhona baphinde behluleka.
Izolo, amalungu ebandla abekade elihola, iDwala Lokuphila, abeseqalile ukuthutheleka kubo kwa-A, eMlaza, ezobhonga emswaneni.
Okuqaphelekile ukuthi sikhulu isililo kumalungu alo ngokubulawa kukaCele.
Abelimisa ngesihloko elokuthi afe olwembiza achaza uCele njengomholi obeqotho ebandleni eqinisekisa ukuthi zonke izinto zihamba kahle. Ibandla abelihola linamagatsha kusona sonke isifundazwe.
Umfowabo kamufi, uMnuz Thembile Cele, uthe badunguza ebumnyameni ngokuthi ngabe obani abambulele. Uthe bagqemeke engeqiwa ntwala.
Uthe bakhathazekile ngokuthi ubani lo obelandela umfowabo kangaka.UCele ubedume kakhulu ngeziphrofetho zakhe ebezishaya emhlolweni. Abantu abaningi bebejwayele ukufika kwakhe bezokwenza imhlahlo njengoba ebedume ngokungashayi eceleni, egagula abantu ngamagama.
Eminyakeni eyedlule, kwavela udaba lomunye umndeni ayekade ecuphe kuwona ithuna kwasa ngakusasa kubanjwe umkhunkuli.
Ngaphandle kwendawo iYellow Lounge, ubephinde abe nezindlu zokuqashisa.
Kuwona wonke amabhizinisi akhe balinganiselwa ku-100 abasebenzi abebaqashile. Ubenesithabathaba somuzi esikwa-Q, eMlaza.
Ubengakufihli ukuthi uzifela kangakanani ngeqembu i-Inkatha Freedom Party (IFP).
Waduma kakhulu nangesikhathi enze umngcwabo wenkawu yakhe, u-2 Pool ayekade eduma ngokuhlezi ehamba nayo.
Njalo ngoDisemba ubethengela imindeni engu-100 igilosa yokudla. Wayevamise ukuzwakala kakhulu oKhozini nasemsakazweni Izwi LoMzansi.
Ubenenqwaba yezimoto abebuye ezisebenzisele ukuhambisa amalungu ebandla lakhe.
Kune-prank call ayenziwa nguKini Shandu lapho okwakuzwakala khona uCele emsabisa ngokuthi uzomthumelela ngezulu.
Kwake kwabhalwa nodaba ngowesilisa waseThekwini okuthiwa wayekhala ezimathonsi ngokuthi wathenga umvusankunzi iSibushebushe kuCele, induku yakhe yama unomphele. Kuthiwa lo wesilisa wayeseze washiywa wunkosikazi wakhe ngoba wayekhala ngomyeni wakhe owayesefuna ucansi zonke izinsuku nenduku ingawi.
Kwesinye isigameko, uCele wake wathukana nomkhwekazi wakhe bebanga ukuthi umkhwekazi umphuce indodakazi yakhe. Kuthiwa umkhwekazi wafika emzini kaCele wathatha indodakazi yakhe nomzukulu wabaleka nabo uCele engekho.
Ushona nje, bekunecala abelihamba ebophe yena umkhwekazi wakhe efuna inhlawulo ka-R600 000. Kulelo cala waxosha ummeli wakhe isigubhukane ekhala ngokuthi wenza kancane.
Endaweni yakhe iYellow Lounge wake wasungula umcimbi wabesifazane abebedansela amakhasimende akhe benqunu njalo uma kunguLwesihlanu ebusuku. Kwakufika ngisho nabefundisi bephulula izinqe zamantombzane. Kwakuba uyena uCele owayebuye apotshozele abantu ukuthi abamaphi amabandla labo bafundisi.
Amaphoyisa abengakayiphenduli imibuzo athunyelelwe yona ngalolu daba.