UMPHATHISWA wezokuThutha ukuPhepha nokuXhumana koMphakathi KwaZulu-Natal, uMnuz Sipho Hlomuka, ugxeka ukubulawa kobewumethuli wezinhlelo zemidlalo kwa-SABC nakwi- eTV, odutshulwe eNdabayakhe eMpangeni ngoLwesihlanu ebusuku.
UMnuz Sibusiso Jeffrey Zikhali (59) okuthiwa ungowokudabuka khona eMpangeni, isidumbu sakhe sitholwe ngamaphoyisa abehla enyuka eqaphe ubugebengu, sinamanxeba okudutshulwa, eduze kwaso kukhona ifoni yakhe nezincwadi zokushayela.
UHlomuka uthe lesi senzo siyashaqisa, amaphoyisa amagange afuna abenzi bobubi.
“Amaphoyisa adinga ukusebenzisana namalungu omphakathi ukuwalekelela ukuze kuqiniswe amatomu, kuliwe nalobu bugebengu. Siyakugxeka kakhulu ukubulawa kukaZikhali.
Amaphoyisa asebenza ngokuzikhandla ukuqinisa umkhankaso wokuqoqwa kwezibhamu ezisezandleni zezigebengu. Abheka nezindawo eziyizizinda zobugebengu lapho kutshalwa khona isibalo esithe xaxa samaphoyisa, “ usho kanje.
UZikhali, obeteketiswa ngelika-Mr Research, kuvele ukuthi izigebengu zithathe imoto abehamba ngayo, engakatholakali.
Usebenze esiteshini somsakazo saKwaSizabantu, iRadio Khwezi ethula ezemidlalo futhi ewumphathi ophikweni lwezindaba kusona lesi siteshi. Emva kwalokho usebenze kwa-SABC nakwi- eTV lapho ngaphansi kophiko lwezemidlalo.
Ubeseke wasebenza engumkhulumeli woMnyango wezoLimo KwaZulu-Natal.
Imizamo yokuthola okhulumela umndeni wakwaZikhali ayiphumelelanga njengoba inombolo yocingo okuthiwa ngelomfowabo, uMnuz Wiseman Zikhali, ibikhala ingabanjwa kwaze kwashaya isikhathi sokushicilela.
Sikhulu isililo ezinkundleni zokuxhumana njengoba abantu abebemazi bezwakalisa imizwa yabo ngokubulawa kwakhe.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Robert Netshiunda uthe amaphoyisa aseMpangeni aphenya icala lokubulala.
“Amaphoyisa abesemsebenzini ehlola ubugebengu ngesikhathi ezithela phezu kwesidumbu sowesilisa sidindilizile, eceleni kwaso kukhona ifoni nezincwadi zokushayela okuyikhona okuwasizile ukuthola ukuthi ngesikabani.
Okwamanje imbangela yokubulala ayikaziwa, ngakho amaphoyisa acela noma ngubani ongaba nolwazi olungawalekelela ophenyweni lwawo, ukuthi aludlulisele esiteshini samaphoyisa eMpangeni, noma awathinte kwi-0800 1011 noma kwi-MySAPS App,” usho kanje.