UNGQONGQOSHE wamaPhoyisa eNingizimu Afrika, uMnuz Bheki Cele, ugxeke umthetho wakuleli ngelokuthi uvuna kakhulu izigebengu kunezakhamuzi ezithobela umthetho.
Ubekhuluma izolo, engqungqutheleni yeshumi yokukhetha ubuholi bukazwelonke benyunyana yamaphoyisa nabasebenza emajele, i-Police and Prisons Civil Rights Union, okulindeke ukuthi isongwe ngoLwesihlanu.
UCele uthe ezokushushisa zakuleli azilekeleli njengoba isihlava sokubulawa kwamaphoyisa esemsebenzini sidlanga, okugqame kakhulu ukubulawa kwawesilisa asemancane.
“Kunezikhalo ezithi umthetho wakuleli uzwelana nezigebengu, nami ngiyavumelana nalezi zikhalo. Ukuboshwa kwesigebengu kuyafana nokuthi sisuswa ekhaya siyiswa kwelinye ikhaya lapho sizofike siphile kahle khona impilo engaphilwa nangabantu abahlonipha umthetho.
“Kunokukhuluma okuthi imali echithwa ngesiboshwa ngasinye ejele uR13 000 ngenyanga engingazi noma kuyiqiniso yini, ekubeni isakhamuzi esithembikile esihlonipha umthetho sithola uR350. Akugcini lapho, abasemajele bageza ngamanzi ashisayo, bayafunda mahhala bathole izicucu okuyinto abantu abamsulwa abangayitholi,” usho kanje.
Uthe bukhulu ubuhlungu imindeni yamaphoyisa abulawayo adlula kubo, iningi lawo afa ehlupheka ngenxa yokuthi abulawa esemancane esaqala ukusebenzi. Uveze ukuthi kumele kube nokukhula ngezikhundla emaphoyiseni angahlali esemazingeni aphansi, uma kungenjalo kube nokunyuka kwemihlomulo njengoba ekhale ngokuthi iningi lamaphoyisa liyashiya emsebenzini ngenxa yokungaholi ngendlela egculisayo.
Ugqugquzele amaphoyisa ukuthi azivocavoce ukuze abe nemizimba esesimweni ezokwenza kugqame ukuthi aphile kahle. UCele ukhuze umkhuba athe usuqala ukudlanga nakwebesilisa wokushutha nomfaniswano wamaphoyisa edansa noma enza okungafanele enkundleni yezokuxhumana u-Tik Tok, athe kuyihlazo elingabekezeleki.
Uphinde wagxeka ukuhlukunyezwa kwamaphoyisa esifazane ngokocansi wathi lokhu akwamukelekile kangangoba uma kutholakala ukuthi iphoyisa lenze leli cala, kumele lixoshwe emsebenzini. Uncome amaphoyisa ngokuzinikela emsebenzini wawo.
UNgqongqoshe woMnyango wezoBulungiswa nokuHlunyeleliswa kweziMilo, uMnuz Ronald Lamola, uqinisekise ukuthi udaba lokuguqulwa komthetho obhekelele izenzo zobugebengu luyasetshenzwa.
“Lo mthetho owango-1977, ngakho akulindelekile ukuthi usebenze ngendlela kulesi sikhathi njengoba kuningi esekushintshile, ngakho izinhlaka zezomthetho ziyalusebenza lolu daba, umthetho omusha uzokhishwa maduze,” usho kanje.
Uthe ngeke kubalekelwe ukuthi kunephunga lenkohlakalo ezinhlakeni zezomthetho okungaba isemaphoyiseni, ezobulungiswa, ezikushushiswa naseMnyangweni wokuHlunyeleliswa kweziMilo okugcina kwenze abantu bemadolo nzima ukufakaza noma ukubika ngobugebengu.