UFUNA livalwe isonto eliyalela abantu ukuba bayeke imishanguzo yezifo ezehlukene, umndeni waseSikhaleni, oshonelwe ngumama wekhaya obejoyine leli sonto. Umama oshonile kuthiwa wayeka imishanguzo ngemuva kwesiphrofetho esaqhamuka ebandleni sokuthi bayeke konke, baphile “ngeZwi”.
Oshonelwe yinkosikazi eyeke imishanguzo yayo ye-HIV ne-TB emuva kokusonta kuleli bandla, elibizwa nge-House of Redemption, utshele Isolezwe ukuthi umkakhe, uqale ukuvakashela isonto elisha endaweni ngonyaka odlule. Uthe leli sonto likomunye umuzi khona eSikhaleni.
Oshonelwe naye unguMfundisi ebandleni labasindisiwe. Uthe nalo leli elajoyinwa wumkakhe ngelabasindisiwe kodwa izimfundiso zalo zehlukile.
“Inkosikazi yami iqale iwumuntu ovakashayo kuleli sonto. Ibuye ihambe ithi bayokhuleka ebusuku kodwa kuthe ngokuhamba kwesikhathi yangitshela ukuthi yona isiyashiya kwelethu isiyokhonza kwelisha. Nalapho angizange ngibe nenkinga ngoba umuntu unelungelo lokukhonza lapho ethanda khona. Inkinga iqale lapho sengimbona ephela emzimbeni. Uma ngibuza ukuthi kwenzenjani angezi nempendulo eqondile,” kulandisa owesilisa.
Uthe ngoNovemba nyakenye unkosikazi wakhe ubesephele kakhulu emzimbeni futhi wabona nokuthi akasayidli imishanguzo ye-HIV ne-TB ayinikezwa emtholampilo.
“Ngithe uma ngimbuza ukuthi kungani angayidli imishanguzo wathi esontweni lakhe kuphume isiphrofetho esithe sebezophila ngezwi, abalahle imishanguzo. Ngithe noma ngimtshela ukuthi ayikho into enjalo, wangangilalela. Ubeqhubeka eya khona esontweni,” kusho umfelwa.
Uthe ngoJanuwari nonyaka uyile kuleli sonto eyobuza abaphathi balo ngendaba yesiphrofetho. Uveze ukuthi bavuma ukuthi sivelile bathi futhi simile nje kanjalo, abantu abayeke imishanguzo.
“Umkami uqhubekile nokusonta esakwazi ukuzihambela kanti noma esegula kakhulu ebewumuntu ongafuni ukuya emtholampilo futhi befika nabakuleli sonto lakhe bamthathe uma ngingekho. NgoMashi bamthatha esele nezingane. Ngathi uma ngibuya ngacela omunye umfowethu ukuba angiphelezele ngiyomlanda ngoba ngangimshiye esegula kakhulu. Saze sabiza amaphoyisa ukuthi asivulele ngoba babengavuli ngesikhathi kuseyithina sobabili,” kusho owesilisa.
Uthe kwathi uma ecela abasesontweni ukuba bamthathe ngemoto yabo bambuyisele ekhaya ngoba yena wayehamba ngemoto yomuntu, banqaba.
Uveze ukuthi amaphoyisa athi akukho angakwenza ngoba umkakhe uziyele ngokuthanda kwakhe kuleli sonto, akaphoqwanga.
“Umkami ugcine ebuyile ekhaya ngase ngimyisa emtholampilo. Wafika wadluliselwa esibhedlela ngoba amanesi ebona ukuthi usegula kakhulu. Ushone ngoMashi 13. Ngiphatheke kabi ngokuthi umkami ugcine eshonile ngenxa yokulalela isiphrofetho sebanald elathi akayeke imishanguzo esiza ngokuthi siphile. Ngiyafisa abezempilo nabomthetho balithathele izinyathelo leli sonto ngoba basekhona abaya kulo,” usho kanje.
Ikhansela lendawo, uMnuz Vincent Sbu Dludla, lithe labikelwa ngokushona kowesifazane kodwa belingazi ukuthi ubesonta esontweni elithi abantu abayeke imishanguzo.
“Ngiyabanxusa abantu ukuthi bangayiyeki imishanguzo ngoba ngabe ayikhishwa emtholampilo ukube ayisizi. Ngiyacela bayidle ngendlela imishanguzo abayinikwa emtholampilo. Amasonto ayekisa abantu imishanguzo akufanele abe semphakathini,” kusho uDludla.
UMbhishobhi Bhekimpi Mchunu, onguSihlalo weKwaZulu-Natal Church Leaders Council, uthe abahambisani nokuthi abantu balahle imishanguzo yabo ngoba yenzelwe ukubasiza ezifweni abanazo.
Uthe yize bekholwa ukuthi uNkulunkulu uyakwazi ukunqoba zonke izifo kodwa alikho isonto elinelungelo lokukhipha umyalelo wokuthi abantu mabalahle imishanguzo.
“Amasonto kufanele athandazele abantu ukuze baphile. Akufanele kube yiwona abalahlisa amaphilisi abasiza ukuze baphile. Uma kwenzeke isimangaliso kufanele umuntu abonakale ephila, hhayi ukuthi kuthiwe akalahle amaphilisi,” kusho uMchunu.
Umnikazi weHouse of Redemption, ochazwe njengoNkk Nkomo, utshele Isolezwe ukuthi yize beshumayela ukuthi abantu abaphile ngezwi likaNkulunkulu kodwa abakaze bathi akulahlwe amaphilisi. Uthe kuba wumuntu ozithathela isinqumo sokuthembela kuNkulunkulu angabe esawaphuza amaphilisi, hhayi ukuthi isonto elisuke lithe akawayeke.
Ushaye ngezimfushane, wabe esecela ukufonelwa kusasa ukuze akhulume nabaphethe ibandla.
Okhulumela uMnyango wezeMpilo KwaZulu-Natal, uMnuz Ntokozo Maphisa uthe: "Izinsolo esizizwayo siwuMnyango ziyashaqisa futhi ziyichilo. Umthethosisekelo wezwe wango-1996, uChapter 2 ukhuluma ngamalungelo abantu angu-27, abizwa ngokuthi yi‘’Bill of Rights”. Omunye wale mithetho ukubeka kucace ukuthi bonke abantu baseNingizimu Afrika banelungelo lokuthola usizo lwezempilo. Abantu siyabanxusa ukuba bangazilaleli izinkoleloze ezidusa isizwe mayelana nokudliwa kwemishanguzo yokuthithibalisa isandulela ngculazi nengculazi uqobo, ngoba ihloliwe, futhi ukusebenza kwayo kuhle kufakazelwa yisayensi.
“Ukudliwa kwale mishanguzo ngendlela efanele - ngaphandle kokuphutha - kubalulekile ngoba kuqinisa amasosha omzimba, futhi kukwazi ukwenza igciwane ligcine lingasatholakali egazini.
Siyacela nakubantu abadla imishanguzo yesandulela ngculazi kanye nengculazi uqobo ukuthi bakuqonde ukuthi impilo yabo incike kubo uqobo. Bangakuvumeli ukudukiswa ngabanye abantu ngezinqumo ezingabeka impilo yabo engcupheni.“