OMUNYE wosomabhizinisi besifazane owaziwayo, usembhidlangweni wokuthuthukisa abanye osomabhizinisi ikakhulukazi labo abasafufusa.
UNkk Thandeka Nene ophinde abe uMfundisi uthi, kumqoka kakhulu ukuthi kube nezigcawu zokucobelela ngolwazi kwabanye osomabhizinisi.
Uthi yilokhu kanye okuzobe kwenziwa yinkampani yakhe ebizwa ngokuthi yiThandeka Global Equip (TGE) ngomhlaka-28 ku-Okthoba kulo nyaka.
Lesi sigcawu sizokube siseLangeni Hotel futhi sizobe sihlanganise izikhulumi ezinohlonze.
Phakathi kwazo kuzokuba nguyena qobo uNkk Nene. Abanye nguKhehli Mpanyane, Precious Nkosi noMpendulo Nene. Umphathi wohlelo kuzokube kunguMbali Mavimbela.
Ukungena kulesi sigcawu kungu-R500, kuqalwa ngo-12 emini kuqedwe ngo-4 ntambama.
Indikimba yalo mcimbi ithi : "Minding Your Business in Mining.''
"Sihlose ukuthi kube khona esikwenzayo ngenhloso yokufukula osomabhizinisi. Sifuna ukubona izizukulwane zabo ezizayo zijabulela okuhle okwenziwa yilabo ababengaphambili kwabo,''usho kanjena.
Inkampani iThandeka Global Equip, sekuphele iminyaka engu-6 yaba khona njengoba yasungulwa ngo-2018.
Inhloso yayo enkulu ukucaba indlela ekulekeleleni abantu ukuba bafezekise amaphupho abo kwezamabhizinisi.
"Mina ngikholwa ukuthi sonke sizalwa sinamaphupho futhi sinenhloso yokuphila. Kodwa inkinga ukungakutholi ukulekelelwa okufanele, okwenza ukuthi lawo maphupho ethu agcine engasafezekanga. Yilapho ke thina esingena khona,''echaza.
Uthi le nhlangano ilekelela abantu isebenzisa iminxa yayo emithathu okuyiTGE Wealth, TGE Academy neTGE Connect.
Kuyona yonke le minxa kubhungwa kabanzi ngezokuthuthukiswa kwezamabhizinisi, ukuphathwa ngesinono kwengcebo kanye nokukhuthaza ukudalwa kwamathuba okusebenza kosomabhizinisi.