KULALE isidumbu sesibili, kudutshulwa kubulawa owesilisa waseNquthu, obehambele umngcwabo womunye wesilisa KwaJikaza, oLundi, ngoMgqibelo.
Ngokuthola kweSolezwe, lona wesilisa, okungaveli ukuthi ungubani, kuthiwa udutshulwe yinhlamvu ebindiza emoyeni ngesikhathi kuqhunyiswa izibhamu kulo mngcwabo.
Kuvela ukuthi bekungcwatshwa uMnuz Sabelo Mazibuko (47) okuthiwa ushone ngokudutshulwa ngoMeyi 19, ehostela iNguni, eGoli.
Umfowabo kamufi, uMnuz Celi Mazibuko, uthe yize engazi kahle ukuthi ubani odubulile nanokuthi ithini imininingwane yalo odutshuliwe, kodwa lesi sigameko esibashiye beshaqekile, senzeke phambi kwabo.
“Isigameko senzeke ngesikhathi sesiphuma nebhokisi ekhaya emva kwenkonzo yomngcwabo, siya emathuneni ngaphandle komuzi. Mina nabanye besibambe ibhokisi ngesikhathi sizwa kuqhuma isibhamu,” kusho uMazibuko.
Uqhube wathi ngokwejwayelekile, uma kuqhuma isibhamu abantu baye bethuke, abanye babheke phansi, nabo benze okufanayo.
“Sithe siphakamisa amehlo, bese kukhona owesilisa obese elele phansi, edubulekile,” kusho uMazibuko.
Uthe lona wesilisa akukho okutheni abakutholile ngaye ngaphandle kokuthi ungowokudabuka eNquthu. Uthe nomndeni wakhe ubungakaxhumani nabo, nabo bebengakayenzi imizamo yokuwucinga.
Uqhube wathi yize beqhubeke nokuya emathuneni bengumndeni, kodwa bathole ukuthi lona wesilisa uphuthunyiswe esibhedlela Obonjeni ngabanye ebebehambele umngcwabo kamfowabo.
“Sizwa kuthiwa ufike washonela khona esibhedlela,” usho kanje.
Akakwazanga ukucacisa eyalabo ebebeqhumisa izibhamu njengoba ethe, bezwe kuthiwa ebebedubula ngabangani bakamfowabo.
“Sithole ukuthi bemphelezela ngendlela ahambe ngayo, njengoba naye ehambe ngaso isibhamu,” kubeka uMazibuko.
Ebuzwa ukuthi ubephila mpiloni umufi eGoli, uthe ngokwazi kwakhe, ubengasebenzi kodwa ezihlalele nje ehostela.
Uthe kwebebehambele umngcwabo, bebekhona ebebevela eGoli, kuphinde kube khona abendawo, wathi ngenxa yokuba matasa ngezinhlelo zomngcwabo, abazange banake ukuthi abadubulayo bebengobani nokuthi bebengabendawo noma abaseGoli.
Imithombo yeSolezwe ithe umufi ubeyinkabi, kanti odutshulwe emngcwabeni wakhe, kusolwa ukuthi uye owadayisa umufi ngesikhathi edutshulwa eGoli. Nokho uMazibuko akakwazanga ukuqinisekisa lezi zinsolo.
Kushaye isikhathi sokushicilela amaphoyisa engakayiphenduli imibuzo athunyelelwe yona.