ZIYANDA izigameko zabantu abahlaselwa yizilwane zasendle KwaZulu-Natal, kanti ngoLwesithathu kunowesifazane (50) ogxotshwe yimvubu, eSt Lucia.
Esigamekweni esenzeke ngabo-6.30 ntambama kanti kuthiwa owesifazane ubeya lapho kuhlala izivakashi emuva kokuthi kunqamuke ugesi eSt Lucia, ngesikhathi ehlaselwa yimvubu.
UMnuz Shawn Herbst, obhekelele ezokuxhumana enkampanini yezimo eziphuthumayo, iNetcare 911, uthe bafike endaweni yesigameko ngabo-6.30 ntambama bathola ukuthi owesifazane, indodakazi yakhe nesoka layo bebebhukuda endaweni ehlala izivakashi ngesikhathi kunqamuka ugesi.
Uthi bathe sebephuma kwi-swimming pool ngoba sekumnyama kwaqhamuka imvubu endala ihamba nezinyane layo.
“Bathe uma bebona imvubu iza kubona babaleka, ngebhadi owesifazane (50) akakwazi ukuyibalekela imvubu yabe isimgxoba futhi imluma. Indodakazi nesoka bakwazile ukubaleka, kube sekubizwa ithimba laseSt Lucia, lezimo eziphuthumayo iSt Lucia NSRI okuyilona eliqale ukusiza lo wesifazane ngaphambi kokuthi kufike iNetcare 911,” kuchaza uHerbst.
Uthe iNetcare 911 inike owesifazane usizo lokuqala ngaphambi kokuthi adluliselwe esibhedlela ngendiza enophephela emhlane ngenxa yokuthi ubelimele kanzima.
Uphethe ngokuthi udaba ludluliselwe emaphoyiseni okuyiwona azophenya konke ngesigameko.
UMnuz Bheki Manzini, obekelele ezokuxhumana eSimangaliso Wetland Park, uthe kabanalo ulwazi lwalesi sigameko futhi nabanikazi bezindawo ezihlala izivakashi bebengakaze bababikele ngaso.