SITHOLAKALE sintanta kwi-swimming pool yakwamakhelwane isidumbu somfana oneminyaka emihlanu, okuthiwa uduke egcekeni lakubo ngenkathi edlala nenye ingane eLotusville, eVerulam.
Kuthiwa uMvelo Gumede, ubikwe njengolahlekile emaphoyiseni ngoLwesithathu ebusuku kanti ubesebhekwe isikhathi eside engatholakali. Kuthiwa ingane ihlala nonina eNdwedwe, kodwa ibivakashele uyise eLotusville, njengoba kuyisikhathi samaholidi.
Kuthiwa uMvelo ubedlala nengane yentombazane eneminyaka eyisithupha, okuthe uma ihlonywa imibuzo ngokunyamalala kwakhe, yahluleka ukuchaza.Kuthiwa isidumbu sitholakale izolo ekuseni sinamanxeba okulimala ebusweni.
Okhulumela abezimo eziphuthumayo enkampanini yonogada iReaction Unit South Africa (Rusa), uMnuz Prem Balram, uthe bashayelwe ucingo nguyise kaMvelo, ecela usizo.
UBalram uthe balandiswe yindoda ngokuthi uMvelo ubedlala nengane yesiqashi eneminyaka eyisithupha, yona yabuyela endlini iyodla.
“Siyicinge ingane kwaze kwashaya u-2.30 entathakusa (ngoLwesine) singayitholi. Ingane ebidlala naye (uMvelo) iphinde yabuzwa ngubabekazi wayo kodwa yangakwazi ukunikeza izimpendulo,” kuchaza uBalram.
UBalram uthe baze babikelwa ngumakhelwane ukuthi kunesidumbu sengane esintanta kwi-swimming pool yomuzi wabo, oqhele ngo-50 wamamitha kunalapho behlala khona.
I-Rusa ithe kusolakala ukuthi uMvelo uputshe esikhaleni socingo oluhlukanisa kubo nakamakhelwane wagcina ephelela kwi-swimming pool yakhona.
Owesilisa okhulume neSolezwe, okukholakala ukuthi unguyise kaMvelo kodwa elingatholakalanga igama lakhe, ushaye ngamafuphi wathi akukho abazokuphawula ngesigameko konke bakushiyela ezandleni zamaphoyisa abafuna aphenyisise.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLieutenant Colonel Robert Netshiunda, uthe amaphoyisa aseVerulam, aphenya idokodo ngokushona kwengane eneminyaka emihlanu. UNetshiunda uthe ingane ibikwe ukuthi iminze kwi-swimming pool kwamakhelwane ngoLwesithathu.
“Ingane ibikade ibikwe ukuthi ilahlekile ngawo uLwesithathu njengoba itholakale isintanta ngoLwesine ekuseni,” kusho uNetshiunda.