UKUSHODA kwemali kuholele ekutheni bafake isicelo sosizo lwabameli bakahulumeni abamangalelwa ecaleni lokubulawa kowayengunozinti we-Orlando Pirates neBafana Bafana, uSenzo Meyiwa.
Icala lokufa kukaMeyiwa lingene okokuqala ngaphansi kweJaji Ratha Makgoatlheng eliqokwe emuva kokumiswa kweJaji Tshifhiwa Maumela.
UMeyiwa wabulawa ngokudutshulwa ekubo kwentombi yakhe uKelly Khumalo ngo-2014, eVosloorus, eGauteng.
IJaji Makgoatlheng, lifike laqinisekisa ukuthi icala lizoqalwa phansi, konke obekwenziwe ekuqaleni sekuthathwa njengento engekho.
Kube sekubhungwa ngemicikilisho namalungiselo okuqalwa kokuqula icala, kwase kuvela ukuthi abamangalelwa bafisa ithuba lokubonana nabameli bakahulumeni, beLegal Aid.
Okuvelile wukuthi abameli abebevele bekhona ngeke bahoxe ecaleni kodwa uma isicelo sababhekene necala siphumelela abameli bayobe sebekhokhelwa uxhaso lukahulumeni.
Okhulumela abamangalelwa, uNksz Sinqobile Maphisa, uthe ukushoda kwemali kuholele ekutheni bacele usizo. Uthe abameli abebevele bekhona bazoqhubeka kodwa bazokhokhelwa yiLegal Aid.
“Abameli kabayi ndawo ngokwazi kwami. Yimina ebengikhokha kodwa manje imali isingiphelele futhi njengoba icala liqala phansi kuzoba nzima kimi. Ngizamile ukuthi sithole iminikelo kodwa akulunganga,’’ kuchaza uNksz Maphisa.
Ijaji elisha ecaleni lithe abamangalelwa kufanele balethelwe amaphepha okufaka isicelo sosizo lwemali, bawagcwalisele khona enkantolo izolo.
Ijaji liqhubekile latshela abamangalelwa ukuthi ukuqala phansi kwecala kusho ukuthi banelungelo lokufaka izicelo zebheyili kabusha, kodwa kwenye inkantolo hhayi le equla icala. Abamangalelwa ababhekene necala ngoMnuz Muzikawukhulelwa Sibiya, Bongani Ntanzi, Mthobisi Mncube, Mthokozisi Maphisa noSifisokuhle Ntuli.
UNtanzi uke wazama phambilini ukufaka isicelo sebheyili kodwa sachithwa. Abanaye phakathi kwabo bavele badonsa izigwebo ngamanye amacala.
Kuvele nodaba lomhlangano phakathi koMbuso nabameli lapho okusuke kuxoxwa khona ngemicikilishi yokuqulwa kwecala.
Ijaji liyalele izinhlangoti zombili ukuthi ziphothule lowo mhlangano khona izolo, ukuze kungabambezeleki icala. Icala libuyela enkantolo namuhla ngo-10 lapho kulindeleke ukuthi liqhubeke nokuqulwa.