KUME yonke into KwaDodoza, eFolweni, ngesikhathi amalungu omphakathi evuka umbhejazane, evala umgwaqo izolo, ekhala ngenkinga yokushoda kwamanzi.
Elinye lamalungu omphakathi KwaDodoza, eSabelweni, uNksz Bongiwe Zulu, lithe okubacasula kakhulu wukuthi sekukaningi bezama ukuxhumana nekhansela lendawo ngale nkinga kodwa kulokhu kunhlanga zimuka nomoya.
“Sekuyinyanga yesithathu singenawo nhlobo amanzi endaweni ekubeni abakwezinye izingxenye zezindawo ezakhele iFolweni, bona bayanikezelwa ngeloli lamanzi.“Sibona sengathi ikhansela lendawo likhetha iphela emasini njengoba kuyithina kuphela KwaDodoza, esishaywa ngesithende,” kubalisa uNksz Zulu.
Uthe nakuba bayaphila yingoba bavuka ngabo-2 ekuseni, beyobangisana ngamanzi kweminye imizi emibili eqhele kakhulu nabo, okutholakala kuyo amanzi.
“Ngakho sizoqhubeka nokubhikisha kuze kube wukuthi ikhansela liza kithina ukuzosichazela ukuthi kungani thina sodwa singabi namanzi elokishini lonke laseFolweni?“
Sifisa lisichazele ukuthi kungani libe semehlweni ethu uma lifuna ukuvotelwa kuphela, bese liba yindlala kangaka uma sekumele lenze elasithembisa khona?” usho kanje.
Elinye lamalungu omphakathi akule ndawo eselikhulile, elingazidalulanga igama, lona likhale ngokuthi kuliphatha kabi ukuthi lize leswele ngisho isichibi samanzi okugeza.
“Okubuhlungu kakhulu wukuthi amanzi ngigcina ngokuwabona elolini lamanzi lidlula, kodwa ligcine lingafikanga endaweni yethu. Angazi ukuthi bacabanga ukuthi sizophila kanjani ngaphandle kwamanzi.”
Kuthintwa ikhansela laseFolweni ku-ward 95, uMnuz Thokozani Xulu, livele labhuqa intatheli, liyibuza ukuthi ihlela ukusiza kanjani kulolu daba?
“Ngabe kungcono ukube ungithintela ukungazisa ukuthi ungangisiza kanjani kule nkinga, engikholwa wukuthi ngingalwemukela noma yiluphi usizo ongeza nalo,” kubhuqa uXulu, maqede wavala ucingo.