ZIYANDA izigameko ezindaweni ezehlukene zaseThekwini, lapho khona amaphoyisa edudulana nezigebengu ngenhlamvu.
NgoMsombuluko, amaphoyisa adubule izigebengu ezinhlanu zafa eZintombini, KwaBester, eNanda.
Lokhu kwenzeke ngesikhathi amaphoyisa ezinhlaka ezahlukene egasela komunye yemizi okubikwa ukuthi ubukade uhlezi izigebengu.
Kuthiwa izigebengu zidubule kuqala amaphoysa ase ebuyisela ngenhlamvu.
Kulesi sigameko kuvela ukuthi kutholakale izibhamu ezine nezinhlamvu.
NgoLwesihlanu, eThwalenye, eNanda, amaphoyisa adubule abulala owesilisa obesolwa ngokuba yinyanga okuthiwa inikeza izigebengu umuthi uma ziyoganga.
NgoLwesithathu olwedlule, amaphoyisa aseMariannhill adubule izigebengu ezimbili zafa emzini othile eLuganda.
Kubikwa ukuthi amaphoyisa aseMariannhill apotshozelwa ulwazi ngamadoda ayehlome ngezibhamu.
Kuthiwa athi uma amaphoyisa efika kulo muzi ezethula ahlangabezana nenhlamvu. Nawo kuthiwa abuyisela ngayo maqede kwashona ababili.
Kuleso sigameko kwatholakala izibhamu ezimbili ezingama-9mm.
NgeSonto eledlule, eMaoti amaphoyisa adubula abulala izigebengu ezimbili. Lapha kwatholakala izibhamu ezimbili zohlobo lwephistoli ezisusiwe izinombolo zazo nezinhlamvu.
Phakathi no-Okthoba, amaphoyisa adubule abulala abane kwa-C, eNtuzuma. Kubona kukhona abesifazane ababili nabesilisa ababili ebebesolwa ngobugebengu.
Phakathi kwabo kukhona oyedwa osolwa emacaleni angu-12 okubulala kusuka ekuqaleni kukaSepthemba.
Kuwona kubikwa kukhona nayisithupha okubulala amalungu eCPF.
Ngeledlule, amaphoyisa eNanda adubule omunye umsolwa okuthiwa ubedume ngelikaPoison okuthiwa obesolwa ngokubandakanyeka ezigamekweni zokuhlaselwa kwamalungu eCPF.
Ngasekuqaleni kwenyanga, kwa-B KwaMashu, amaphoyisa adubula izigebengu ezinhlanu zafa ezisolwa ngokubamba izimoto zemali. Kulesi sigameko kwatholakala i-AK47 ne-R5 nezinhlamvu.
UNgqongqoshe wezokuThutha nezokuPhepha koMphakathi, uMnuz Sipho Hlomuka, ukushayele ihlombe ukusebenza kwamaphoyisa.
“Lezi zigebengu bese ziwuhlukumezile umphakathi waseNanda namaphethelo. Amaphoyisa ethu akulungele ukulwa nezigebengu, siyabavala bonke opotsho ezigebengwini esifundazweni,’’ usho kanje.
Uthe uhlelo lwamaphoyisa lwakamuva lokulwa nobugebengu lusebenza kahle kakhulu ngoba izithelo ziyabonakala.
Ubuye wabalula nokuthi amaphoyisa abuye azibophe lezi zigebengu eziyingozi.
“Ngo-Okthoba 6, amaphoyisa abopha owesilisa osolwa ngokubandakanyeka ekubanjweni kwezimoto zemali eJolivet. Amaphoyisa abuye abopha ezintathu emtholampilo KwaMashu,” kusho uHlomuka.
Uthe bayawuqinisekisa umphakathi ukuthi amaphoyisa enza konke okusemandleni ukulwa nobugebengu.