SABELO NSELE
AYISEKHO emhlabeni imeya kaMasipala waseMlalazi, uMnuz Thelumoya Zulu.
UZulu ushone ngoMgqibelo ngemva kokugula isikhashana.
Ube yimeya yokuqala ye-ANC, ukuhola lo masipala ongaphansi kwesifunda iKing Cetshwayo. Wagaxwa amaketango obumeya ngo-2011, ngesikhathi i-ANC inqoba okokuqala ukhetho kulo masipala.
Wabuyiselwa kulesi sikhundla ngo-2016 ngesikhathi i-ANC iphinda inqoba ukhetho kulo masipala. UZulu ubengummeli kanti waqala ukuba yikhansela kulo masipala ngo-2008, ngesikhathi usaphethwe yi-IFP.
Okhulumela umasipala uMnuz Mkhuseli Buthelezi, uncome igalelo likaZulu lokushumayela ubumbano emkhandlwini.
"Ubelelwa ukuthi kube nobumbano kumasipala yize sinamakhansela aqhamuka emaqembini epolitiki ahlukene,“ kubeka uMnuz Buthelezi.
UNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana kanye neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal uMnuz Sipho Hlomuka, uthe umkhakha wezohulumeni basekhaya ugqemeke engeqiwa ntwala ngokushona kukaZulu.
"Udlula emhlabeni ngesikhathi ohulumeni basekhaya bebhekene nesikhathi esinzima ngenxa yokubheduka kwegciwane iCorona. Ubengomunye wezimeya ebeziphambili ekulweni nokusabalala kweCorona,“ kusho uMnuz Hlomuka.