UNUKWA ngokungayibheki imfuyo owesilisa ogcine eshonela esibhedlela, kulandela ukudutshulwa ethi usiza owesifazane otholwe edutshuliwe emotweni eshiywe kanjalo egcekeni lakwakhe eHlane Location, ngoMgqibelo.
Kuthiwa lona wesilisa, uMnuz Ntandoyenkosi Langa (53), uhlonzwe njengoseshonile ngesikhathi efika esibhedlela ngosuku lwesigameko.
Kulesi sigameko kushone abantu ababili njengoba Isolezwe lithole ukuthi indodana kaLanga angayizali, uMnuz Philasande Chiya (32) yona ishonele endaweni yesigameko.
Umthombo ocele ukungadalulwa, uthe uLanga nomnikazi wemoto, oqede ukuyipaka endaweni yesigameko, wacela empunzini, bahlanganiswa yikho ukweba imfuyo.
Uthe bayakholwa ukuthi umnikazi wemoto nowesifazane abehamba naye bebehlaselwa ndawana thize, bakhetha ukubalekela kwaLanga.
“Akavelanga wabalekela emzini angawazi, ubalekele kwamngani wakhe (uLanga) avame ukuhlala naye futhi abanukwa naye ekwebiweni kwemfuyo,” kusho umthombo.
Uthe basola ukuthi abahlaseli bebengabasukeli ebebesemotweni kanjalo noLanga, wathi abasola ukuthi ufele into angayazi, wuye uChiya.
“Naye unkosikazi kaLanga ubazi ngokwenziwa umyeni wakhe ngoba indodana yakhe (uChiya) kuthiwa iye yamtshela unina ukuthi akakhuze usingababa wayo ayeke ukweba imfuyo,” kusho umthombo.
Uqhube wathi uChiya waze wengeza nangokuthi unina akawuhlakaze umhlangano wobungani obusuvuthiwe phakathi kukaLanga nomnikazi wemoto.
Uthe imfuyo ebiyebiwa, ibihlinzelwa khona endaweni, bese idayiswa.
“Bekuye kutholakale izinhloko zezinkomo, zisele kanjalo esigangeni, uzwakale umoya wokuthi zihlinzwe yibo, bayozidayisa,” usho kanje.
Uphinde umthombo wathi uLanga nomnikazi wemoto bebebuye badobe amalungu omphakathi ukuthi abajoyine ekwebeni imfuyo.
“Omunye wabo, naye udutshulwe wabulawa ezinyangeni ezine ezedlule, ejahwa ngabantu abangaziwa,” kubeka umthombo.
Udalule nokuthi kwayena umnikazi wemoto usesinde kathathu edutshulwa.
“Abasukelwanga. Ngisho naye lo wesifazane, sisola ukuthi usebenzisana nabo,”
Ngesikhathi kwenzeka isigameko, kuthiwa imoto yabonwa uChiya esesitolo sendawo ipaka kubo ebusuku.
Kuthiwa washayela ucingo unina emtshela ukuthi akaphume abheke ukuthi kwenzekani. Kuvela ukuthi wathi uma ebheka, wazithela kowesifazane odutshuliwe.
Kuthiwa wabiza abantu okukhona kubo nomyeni wakhe nayo indodana eyayisesitolo ukuthi bazosiza nokuyilapho okufike khona abalisa abathathu bavulela ngenhlamvu.
Owomndeni, uNksz Bongi Chiya, ethintwa, uthe usazobuza enkosikazini kamufi ukuthi iyathanda yini ukuthi kukhulunywe nabezindaba, wathembisa ukuthi uzobuya entathelini nempendulo.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uColonel Robert Netshiunda, uthe amaphoyisa ase-Creighton aphenya amacala amabili okubulala nelilodwa lokuzama ukubulala kulandela isigameko sokudutshulwa kubulawe abesilisa ababili eHlane Location.
“Owesilisa oyedwa uhlonzwe njengoseshonile endaweni yesigameko, abanye bephuthunyiswa esibhedlela ukuyokwelashwa. Owesilisa wesibili, uhlonzwe njengoseshonile naye ngesikhathi efika esibhedlela,” kusho uNetshiunda.