KUZOCACA ngoLwesine ukuthi wenza njani uthishanhloko wasesikoleni iMpumulwane Primary, KwaMaphumulo, uMnuz Sithembiso Khumalo (53), osolwa ngokubandakanyeka ecaleni lokubulawa kwephoyisa loMkhandlu weTheku, uCaptain Thomas Ntombela.
Umufi wadutshulwa wabulawa esemzini wakhe okwa-S, eMlaza, ngoMeyi 3, nyakenye. Kuthiwa wahlaselwa ngabesilisa abangazange babuze lutho ngesikhathi evula isango.
Waphuthunyiswa esibhedlela eSiphingo Medical Towers okuyilapho okwafike kwamenela khona.
Ngemuva kwalokho, kwaboshwa inkabi uSipho Ntombela eyayikade isekubhaceni.
Le nkabi yagcina seyigeqa amagula enkantolo, yaveza ukuthi yayithunywe nguNkk Faith Ntombela ogane umufi.
Wakhalelwa ngamasongo kaSigonyela uNkk Ntombela, kusuka lapho ugqigqa enkantolo.
Icala labe selidluliselwa eNkantolo eNkulu yaseThekwini. Emasontweni amabili edlule, enkantolo kwavela ukuthi uNkk Ntombela uyalivuma icala bobabili nenkabi esatshwayo KwaZulu Natal, uKhulani Cele, nayo okwavela ukuthi iyabandakanyeka etulweni lokubulawa kukamufi.
UKhumalo naye owaboshwa eyamaniswa naleli cala kwavela ukuthi wayesebenzisana noNkk Ntombela kukhandwa itulo lokubulala umufi.
Kuvela ukuthi kumethusile uKhumalo ukuvuma kwalaba icala futhi akazi ukuthi kumele enze njani.
Ngaphambilini, inkantolo ike yakhipha isexwayiso esishubile isibhekise ngqo kuKhumalo sokuthi makahlukane nokulokhu enza imizamo yokuxhumana nenkabi engaphakathi ngaleli cala, uSipho Ntombela.
Namhlanje, kulindeleke ukuthi kucace ukuthi njengoba laba ababili sebelivuma icala yena uKhumalo uzokwenzanjani.
UKhumalo ungaphandle ngebheyili ayithola nyakenye, ngoDisemba, ngesikhathi leli cala lisaqhubeka eNkantolo yeMantshi yaseMlaza.
Ngaphambilini kwavela ukuthi isibhamu esabulala umufi satholakala sigqitshiwe egcekeni likaKhumalo KwaMaphumulo.