INHLANZI ishelwe ngamanzi kubalisa ababili baseMozambique okuthotholakale ukuthi bakuleli ngokungemthetho ngesikhathi kuqhutshwa umkhankaso wokulwa nobugebengu KwaHlabisa.
Umkhankaso ubuhlelwe yi-Immigration Unit ngokubambisana namaphoyisa.
Kuqhutshwa lo mkhankaso nje, idolobha laKwaHlabisa kuthiwa liyisizinda okucanasa kuso abantu abathutheleka khona ngenxa yemisebenzi.
U-Warrant Officer Sthembiso Nene obehola umkhankaso uthe izephulamthetho eziboshiwe zigcinwe esiteshini samaphoyisa saKwaHlabisa.
“Sithole ukuthi amaphepha abantu esibabophile awasabavumeli ukuba baqhubeke babe seNingizimu Afrika njengoba amaphepha abo ekhomba ukuthi asephelelwe yisikhathi,” kusho uNene.
IMeya yaKwaHlabisa, uMnuz Comfort Khumalo, ithe iyabakhathaza le ndaba yabantu abaphuma emazweni angaphandle abangenazo izimvume zokuba kuleli ngoba idala ukuthi kwande izigebengu ezingabopheki.
“Sinabantu abadayisa izidakamizwa okugcina kuvela ukuthi basuka kwamanye amazwe bahlale kuleli ngokungemthetho. Kuyasijabulisa ukuthi leli thimba libambisane namaphoyisa ukuze kuqinisekiswe ukuphepha kwezakhamuzi njengoba kuyiwa emaholidini kaKhisimusi,” kusho uKhumalo.
Kuthiwa abantu baseMozambique bangena kalula kuleli besebenzisa upotsho osesangweni elisenombolweni yesithupha eManguzi.
Kuthiwa bakwazi ngisho nokungena notshwala obungumbombayi bawele emfuleni obakhiphela eManguzi.
Muva nje, kubanjwe abasolwa abebelibhekise e-Mozambique bedlula e-Kosi Bay bephethe amalambu okukhanyisa emgwaqweni ezigidi zamaRandi abebiwe eThekwini.