ISHAYWE ngoswazi oluncane iDA kumasipala waseGoli kukhethwa usomlomo walo masipala.
UColleen Makhubele obengusihlalo wosihlalo udle umhlanganiso ngoLwesithathu ntambama ethatha isihlalo sikasomlomo kamasipala ngemuva kokuthi igama lakhe liphakanyiswe yi-ANC ngokwesekwa yi-EFF namaqembu amancane
UMakhubele othole amavoti angu-141 uhlule u-Alex Christians weDA yena othole amavoti angu-129.
UMakhubele uyilungu leCongress of the People (Cope) ungena endaweni kaVasco da Gama owakhishwa ngevoti ekuqaleni kwale nyanga.
Ukunqoba kukaMakhubele kuthokozise amaqembu amancane kulo masipala abekhala ngokucindezelwa yiDA ebingezwa mshini, yize ibusa ngokubambisana nawo.
[WATCH] Newly elected City of Johannesburg Speaker, Coleen Makhubele, speaks to members of the media following her election today.#Newzroom405 pic.twitter.com/R6cqfysPXY
— Newzroom Afrika (@Newzroom405) September 28, 2022
UKenny Kunene wePatriotic Alliance uncome kakhulu imiphumela yalolu khetho wathi uthokozile ngayo.
“Ukukhukhumala nokuzazisa kweDA yikona okusilethe kule ndawo, sikhulumile nayo siyicebisa ngokufanele angene kulesi sikhundla, ngoba lo masipala uholwa ngokubambisana, kodwa yala yaphetha,” kusho uKunene.
Imeya yalo masipala, uDkt Mpho Phalatshe, ifake incwadi ezinkundleni zokuxhumana yokwamukela imiphumela yamavoti.