ININGIZIMU Afrika ibhekene nenkinga yezempilo yomlomo njengoba izigidi zabantu ziguliswa ukubola kwamazinyo, isifo sezinsini nomdlavuza womlomo.
Lokhu kuvezwe umbiko wakamuva wenhlangano yezempilo emhlabeni, iWorld Health Organisation (Who), obubheka izifo zomlomo emhlabeni wonke, obekuqondaniswe nosuku lokuqwashisa nokufundisa ngalezi zifo, iWorld Oral Health Day, ebingoMsombuluko.
Kulo mbiko kuvele ukuthi e-Afrika bangaphezu kwezigidi ezingu-480 abantu abahlushwa yizifo zomlomo yize lezi zifo zingagwemeka futhi zelapheka.
Kuvele ukuthi uma zigcina zingelashwanga lezi zifo, ubuthi bokubola kwamazinyo bungagcina busabalele emzimbeni okungaholela ekutheni umuntu ashone noma kudale umonakalo wokuphuma kwamazinyo okwenza umuntu abukeke kabi.
Kulo mbiko uDkt Matshidiso Moeti, umqondisi weWHO e-Afrika, uveze ukuthi izingane zasemazweni ase-Afrika, kuwo okubalwa neNingizimu Afrika, zisengcupheni enkulu yokuba nezinkinga zempilo yomlomo njengoba u-41% wezingane ezineminyaka ephakathi kowodwa kuya kweyisishagalombili zike zaba nenkinga yokubolelwa ngamazinyo engelashwanga.
Lo mbiko uveza ukuthi okungenani u-28% wezingane ezineminyaka emihlanu kuya phezulu zike zabolelwa amazinyo zangelashwa okudale ukuthi zibe nenkinga yamazinyo akhumuzelayo unomphela, u-25% wazo zithe sezineminyaka engu-15 kuya phezulu zahlaselwa yisifo sezinsiniLo mbiko uphinde uveze ukuthi iNingizimu Afrika ibe nezigameko ezintsha zomdlavuza womlomo ezibalelwa ku-1 933 ngo-2020.
UDkt Khanyi Makwakwa, weSouth African Dental Association, uthe izifo ezithinta ukunakekelwa komlomo ziseyinselelo enkulu emhlabeni ngoba zihlasela kakhulu abantu abantulayo, ababencishwe amathuba phambilini.
Uthe manje noma sekuvulelekile ukuthi bangelashwa, abakabi nalo ulwazi lwalokho okwenza ukuthi lezi zifo ziqhubeke zibe yinkinga kubona.