UNGQONGQOSHE wezokuThuthukiswa koMphakathi, uNkk Nohlanhla Khoza, usenze isicelo sokuthi ziqashwe ngeso lokhozi ziphinde zinikwe konke ukunakekelwa ezikudingayo izingane ezisencane.
UNkk Khoza ukusho lokhu kulandela isigameko sokudlula emhlabeni kwezingane ezimbili zamantombazane eMandlanzini, eRichards Bay, ngeledlule.
ULwandoluhle Khetha (2) nodadewabo obenezinyanga eziyisishiyagalombili, uKwanelisiwe Khetha, kuthiwa bashe nendlu ngesikhathi uyise ebashiye bodwa.
“Sinxusa abazali nalabo abanakekela izingane ukuthi benze konke okusemandleni ukuqinisekisa ukuthi ziphephile,” kusho uNkk Khoza.
Uqhube wathi lesi sigameko siyisikhumbuzo sendima ebalulekile edlalwa umzali ekuqinisekiseni ukuphepha kwengane yakhe.
“Njengoba sivala inyanga yokuvikelwa kwezingane, sibuhlungu ngokulahleka kwalemiphefumulo engenacala. Siyanxusa kubo bonke abazali nabanakekela izingane ukuthi baqaphele futhi bazinikele ekuqinisekiseni ukuthi izindawo ezihlala izingane ziphephile,” kusho yena.
UNkk Khoza uveze ukuthi balithumele ithimba losonhlalakahle elizolekelela ngosizo lokwelashwa ngokomqondo emndenini wabashonelwe.
Uthe leli thimba lizolokhu lihleli nomndeni ngisho nangemva komngcwabo.
UNkk Khoza ubuye wathi kubalulekile ukuthi amakhaya abe nazo izintuba zokubaleka ezenzelwe ukuthi uma kwenzeka kuba khona isimo esiphuthumayo esibiza lokho.
Uphinde wexwayisa ngokubaluleka kokuxoxa ngezindlela ezahlukene zokugwema ukusha komlilo.
Uphethe ngelithi umnyango wakhe ulokhu uyibambe njalo eyokunikeza ukwesekwa, ukufundisa ngomlilo nangezinsiza kubazali, abanakekeli bezingane nemiphakathi ukuqinisekisa ukuthi ziphephile.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uConstable Thenjiswa Ngcobo, uthe amaphoyisa aseRichards Bay, avule idokodo lokufa kwabantu kulandela isehlakalo lapho kutholwe khona izingane ezimbili zishe nendlu.
“Kusolwa ukuthi izingane zitholwe zishonile ngaphakathi endlini eMandlanzini, eRichards Bay. Amaphoyisa ayasiphenya lesi sigameko,” kusho uConst Ngcobo.