KUXWAYISWE othisha ukuthi babike ozakwabo abasaqhubeka nokulala nabafundi ezikoleni zakuleli ngoba uma bengakwenzi lokho kwabona bangazibona beboshwa.
Labo thisha kuthiwa kumele bababike ozakwabo abalala nabafundi ukuze kwabona bangaboshwa.
Lokhu kuvezwe nguNksz Cindy Foca onguNobhala Jikelele we-Education Labours Relations Council (ELRC), ekhuluma engqungqutheleni yothishanhloko beSadtu ebiseWestern Cape ngempelasonto.
Uthe umthetho ukubeka kucace ukuthi uma wazi ukuthi uzakwenu ulala nabafundi kumele umbike ukuze kuvulwe icala aphenywe.
“Uma ungakwenzi lokhu, ungaboshwa iminyaka esuka kwemihlanu. Cabanga ke usuboshelwa ukuthi ubuwazi ukuthi uzakwenu ulala nabafundi kodwa wangambika,” kusho uNksz Foca.
Uthe mihla bahlale bebona imibiko kwabezindaba nasezinkundleni zokuxhumana ngothisha abalala nabafundi.
“Uma sibona le mibiko siyithumelela uMnyango weMfundo eyisiSekelo ukuthi uyophenya. Akuwona umsebenzi wethu ukuphenya amacala athinta othisha abalala nabafundi kodwa ngenxa yokuthi isimo sibi kakhulu manje ngalezi zehlakalo, sesiyangenelela,” kusho uNksz Foca.
UNobhala Jikelele weSadtu, uMnuz Mugwena Maluleke, uxwayise ozakwabo ukuthi bambike uthisha noma uthishanhloko osagila lo mkhuba.
“KwiSadtu siyayigxeka eyalabo abasalala nabafundi. Sithi ababikwe abenza lokhu ngoba yinto esayichitha kudala. Akekho uthisha okumele alale nomfundi,” kusho uMaluleke.
UNksz Ella Mokgalane isikhulu esiphezulu somkhandlu olawula othisha iSACE, ukhale ngokuthi ayanda amacala othisha abalala nabafundi.
Uthe ukhonjwa indlela, asulwe nasohlwini lokufundisa osagila lo mkhuba uma elahlwe icala.
“Sifunda mihla namalungu imikhuba egilwa ngothisha kubafundi. Sibaxwayisa njalo othisha ukuthi abayeke ukulala nabafundi.”
UNksz Foca uthe akubona kuphela othisha okumele bangalali nabafundi kodwa nabasebenzi basemahhovisi omnyango ngoba basuke besebenza ngabafundi.
“Abanye othisha bazithethelela ngokuthi bafike bebancane bezofundisa base belingeka beshela ngoba bebabona ukuthi bangontanga yabo. Uma unguthisha noma kungathiwa untanga wakho akuvumelekile nje.”
Uthe noma uyilungu lenyunyana izokumela njengelungu kodwa ngeke ize ikuvikele emacaleni afuze lawa.
“Amalungu acabanga ukuthi ngoba akhokha zinyanga zonke, inyunyana iyabakweleta. Izokumela kodwa ngeke ikuvikele ngokuthi ulale nomfundi. Wonke umuntu osebenza lapho kunezingane khona, ilungelo lengane lidlula wonke akhona ngokusho koMthethosisekelo wezwe,” kugcizelela uNksz Foca.