UNOBHALA ophinde abe ngumeluleki wabameli boNyazilwezulu, kuthiwa umisiwe emisebenzini yakhe yebandla emva kokuvela kwezindaba zokuthi ungumsunguli weqembu lepolitiki i-Africa Unite Congress (AUC).
Isolezwe Ngempelasonto, lithole ngomthombo walo ozazi zonke ngaphansi kobuholi boNyazilwezulu ukuthi uMnuz Lizwi Ncwane usecelwe ukuthi ame kancane ezikhundleni zakhe esontweni.
“Bekunomhlangano wabefundisi obungoLwesine olwedlule, eNtabazwe. Bebethunywe wuNyazilwezulu ukuthi balungise udaba lukaNcwane. Bafike bathatha isinqumo sokuthi amiswe ezikhundleni zakhe ebandleni.
“Into ebikhalisa uNyazilwezulu wukuthi uNcwane ungunobhala webandla okuyisikhundla esibalulekile ebandleni kanti namaqembu epolitiki uma eza kulona amukelwa nguyena.
“Lukhale ngokuthi uma naye eseneqembu lepolitiki amanye amaqembu awasezokhululeka ukuzocela izibusiso kulona kanti lona alikho iqembu elicheme nalo,”kusho umthombo.
Okhulumela uNyazilwezulu, uMnuz Thokozani Mncwabe uthe uyazi ngomhlangano wabafundisi obuseNtabazwe.
“Obekudingidwa kuwona ngeke ngikwazi ukukudalula. Engingakusho nje ukuthi iNkosi uNyazilwezulu lunguyise wabo bonke abantu. Njengoba sasishilo nasekuqaleni, iqembu alihlangene nebandla lizimele njengoba lingazange libikwe enkosini. INkosi uNyazilwezulu lucheme nezulu kuphela hhayi amaqembu epolitiki,”kusho uMncwabe.
Uthe kungathintwa yena uNcwane aziphendulele kulo ludaba. Ethintwa uNcwane uthe babevele bekushilo zisuka nje ukuthi iqembu akulona elebandla kodwa lizimele.
“Sesiwazwile wona amahemuhemu okuthi ngimisiwe ezikhundleni zami ebandleni. Lokho akulona iqiniso. Ngokwazi kwami ngiselapho iNkosi uNyazilwezulu lungibeke khona nokuqhuba umsebenzi webandla.
“Konke kusezandleni zeNkosi uNyazilwezulu olungakasho ukuthi angisekho ezikhundleni olungibeke kuzona. Khona siyazi ukuthi kukhona abangakhululekile ngendaba ye-AUC,” kusho uNcwane.
Uthe inkinga kunabantu ababheke yena ngendaba yeqembu kanti kunabantu okuyibona abangemuva ngokusungulwa kwalo.
Uqhubeke ngokuthi yena ungumengameli walo, usabambile njengoba bungakakhethwa ubuholi beqembu. Iphini lakhe nguMnuz Thembinkosi Ngcobo obeyisikhulu samaPaki, ezokuNgcebeleka namaThuna kumasipala weTheku.
Iqembu lethulwe ngokusemthethweni ngasekupheleni kwenyanga edlule. UNcwane uthe baningi abantu asebengamalungu alo kanti namaNazaretha asejoyine ngobuningi bawo kulona.
Uveze ukuthi nabasathukile ngokuthi kuneqembu lepolitiki elisha bazogcina bejwayele ukuthi likhona futhi liyaphila.
Ngokunjalo nezinkulumo uthe zizodlula. Nasekuqaleni kuke kwavela ukuthi uNcwane umisiwe ezikhundleni zakhe ngesikhathi kushintshwa abameli kule libandla, kodwa kwagcina kuphume abameli abasha wabuyela ezikhundleni zakhe.