ABE-South African Revenue Service (Sars) bayazihlangula odabeni lwemali engamaDola ase-USA eyatholakala epulazini likamengameli Cyril Ramaphosa iPhala Phala.
ISars ithe ayinawo amarekhodi ale mali engango-$580 000.
Iqembu iDA yilona elisuse udweshu ngokubhalela iSars licela amarekhodi akhombisa ukubikwa kwale mali eyatholakala epulazini nokuthiwa yayiphuma kusomabhizinisi waseSudan owathenga imfuyo.
IDA inekele izwe lonke impendulo yeSars ngalolu daba.
Kuvele lapho-ke ukuthi iSars ayinalo irekhodi likaHazim Mustafa ngale mali okuthiwa wafika nayo kuleli ngo-2019 ezothenga i-Ankole. Lo somabhizinisi waseSudan wakhuluma amampunge ngokuthi wayibika le mali ngesikhathi engena kuleli.
Impendulo yeSars ibihambisana nencwadi efungelwe ebhalwe nguSiyabonga Nkabinde, oyisazi sezomthetho ophikweni lwezomthetho eSars.
Kule ncwadi uNkabinde uthe: “ Ngomhla ka17 Januwari 2023 ngiqale izingxoxo nezinhlaka ezahlukene zamabhizinisi phakathi eSars engangikholwa wukuthi ziphethe ubufakazi noma ulwazi olufunekayo ngathola ukuthi uphenyo olwenziwe ohlakeni lweSars Passenger Processing Systems alutholakali noma kalukho.”