KUMUNCU enkampanini yezobuchwepheshe inqunyelwa ugwayi katiki ngokubuyisa uR500 milion ngezinkontileka ezimbili ze-Eskom okuthiwa azikho emthethweni.
ISpecial Tribunal okuyisigungu esikhethekile esilalela amacala aphenywa yiSpecial Investigating Unit (SIU) ikhiphe umyalelo wokuthi iSystems Applications Products (SAP) ikhokhe imali enguR500 million zingakapheli izinsuku eziyisikhombisa.
Lokhu kulandela uphenyo olwenziwe yiSIU ngezinkontileka ezimbili eziphakathi kwale nkampani ne-Eskom.
Kuthiwa phakathi kuka-2013 no-2016, i-Eskom neSAP bangene ezinkontilekeni ezimbili ezibizwa nge-Enabling Agreement ne-Cloud Services Agreement zenani lika-R1.1billion.
Uphenyo lwe-SIU luthole ukuthi i-Eskom ingene esivumelwaneni se-Enabling Agreement ne-SAP ukuze yenze imisebenzi yokuyitholela amalayisensi futhi iqaphe umsebenzi wokunakekela nokwenza okunye okuyizinsiza zesikhashana ngenani lenkontileka engu-R1 037 045 965.50.
“Ngemuva kwalokho, i-Eskom neSAP basayine isivumelwano sesibili seCloud Services ngenani lenkontileka engu-R21 712 514.82,” kusho iSIU ngesitatimende.