INHLANGANO eyengamele ukusebenza komasipala, iSouth African Local Government Association (Salga) ithi ukuqedwa kokujutshwa kwamaqabane komasipala, kuzosiza ekuthuthukiseni ukuhanjiswa kwezidingo nokuthi basebenze kahle.
USihlalo weSalga KwaZulu-Natal, uMnuz Thami Ntuli, uthe ukuqashwa kwamaqabane noma kwabantu abanezikhundla ezithile emaqenjini epolitiki yikona okuholela ekutheni omasipala abaningi bangasebenzi kahle.
Uthe ukuqashwa kwamaqabane komasipala kuphazamisa ukuthunyelwa kwezidingo ebantwini, kubalahlise ithemba ngohulumeni, kunyuse izinga lokusweleka kwemisebenzi, kuxoshe nabatshalimali futhi kwandise nezinkinga emphakathini.
“Kungenxa yalezi zizathu siseka ukuqedwa kokuqashwa kwamaqabane komasipala. Sifuna omasipala baqashe abantu ngokweziqu abanazo, ukuze izidingo zizofinyelela kubantu. Sizoba nengqungquthela ezobheka konke okuthinta omasipala ngoNovemba 3 kuya kuNovemba 4, eMfolozi Casino, eMpangeni. Izohanjelwa ngabaholibezepolitiki nabasebenzi bomasipala baKwaZulu-Natal,” kusho uNtuli.
Uthe ukuqokwa kwabanezikhundla emaqenjini epolitiki akuvumelekile komasipala, okusho ukuthi akufanele oqashwe kumasipala abe nesikhundla eqenjini lakhe.
Ubalule ukuthi ukugxambukela kwamaqembu ekuphathweni komasipala nakho akuvumelekile. Uthe izimenenja kufanele zibe ngamalungu emikhandlu yabasebenzi bemikhakha ethile, ngoba leyo mikhakha iyakwazi ukuthatha izinyathelo uma amalungu ayo engaziphathi kahle.