CELANI SIKHAKHANE
I COSATU KwaZulu-Natal ithi imangazwa abajabulele ukungaqokwa kowayengumholi we-Sadtu, uMnuz Sipho KK Nkosi, esikhundleni sokuba wuNgqongqoshe wezeMfundo ngoba kuthiwa ubezophendula uMnyango indawo yokucanasa kweSadtu.
UNobhala weCosatu esifundazweni, uMnuz Zet Luzipo, uthe kubaxakile uma bezwa kunabantu ababeka uNkosi ngale ndlela nokwenza sengathi akukho okuhle okwenziwa yiSadtu ukudala impumelelo kwezeMfundo.
“Empeleni abantu bakhohlwa yinto eyodwa yokuthi iSadtu yiyo ephethe i-ANC ngoba ngisho noNgqongqoshe omusha wezeMfundo, uNkk Peggy Nkonyeni, uphuma kuyo iSadtu, uMnuz Senzo Mchunu, onguNdunankulu naye ubeyiSadtu ngakho lokhu okushiwo kuNkosi kuyasixaka. Okunye wukuthi kuzona zonke izinto ezingashiwo ngeSadtu abantu bavele babone okubi ngayo ngisho abefundisi imbala uma beduka beya eTarashishi badukela kwiSadtu,” kusho uLuzipo.
Othisha abangamalungu eSadtu bebehlangene kwi-Provincial General Congress yenyunyana ebiseThekwini eqale ngoLwesihlanu yaphothulwa ngoMgqibelo.
UNkosi owaziwa ngokuba yishoshozela leSadtu ubebonwa njengomuntu oseqhulwini ekuthatheni lesi sikhundla kodwa kwagcina kuqokwe uNkk Nkonyeni.
Kule ngqungquthela bekukhulunywa ngezinto ezehlukene okubalwa kuzo isimo sokuphucula imfundo, ukwenza ngcono izimo zokusebenza kwezeMfundo, kuqwashiswa nothisha ngokungena ezikweletini nezigcina sezibaphazamisa emsebenzini
Ngaphandle kwalokho kubuye kwathintwa nodaba lokugxekwa kothisha ngokufundisa izingane zabo ezikoleni zabamhlophe ekubeni zikhona izikole zikahulumeni emalokishini nasemakhaya lapho nabo befundisa khona.
ULuzipo uthe kumele kuqale bona labo abangabashayi bemithetho bafundise ezabo izingane kuzo lezi zikole ukuze umuntu akhulume ngento naye ayenzayo.
Okunye othisha abaqwashiswe ngakho wukuthi bangabantu abahlulekayo ukunqaba uma kufika abantu bemishwalense bebathathisa yona nokuthiwe kumele bawuyeke lo mkhuba ngoba yikho lokhu okugcina sekubafaka ezinkingeni.