IPRASA isamukele isinyathelo sikahulumeni sokuvala ukudayiswa kwezinsimbi ezindala ezicoshwa emigwaqweni kanjalo nakolayini bezitimela yilabo abasuke befuna ukuzidayisa.
Ibamba lesikhulu esiphezulu sePrasa, uMnuz Hishaam Emeran, lithe ukwebiwa kwezinsimbi kulimaze kakhulu ukuhamba kwezitimela.
Uthe ukuvalwa kokudayiswa kwalezi zinsimbi kuzonqanda ukuntshontshwa kwezinsimbi zabo.
Lokhu kulandela ukuthi iKhabhinethi igunyaze ukuthi kuvalwe ukudayiswa kwezinsimbi ezindala.
Uthe bafake ucingo okunzima ukulunquma ukuze bavikele izinsimbi zabo.
“Selokhu senze izinhlelo zokuvikela impahla yethu, kwehlile ukwebiwa kwezinsimbi. Siyayeseka yonke imizamo yokuthi kuvalwe ukudayiswa kwazo noma yikanjani.”
Uthe inqwaba yezinsimbi ezebiwe kubona bezidayiswa.
“Ukwebiwa kwamakhebuli nokucekelwa phansi kwawo kwenze kwaba nokuphazamiseka ekuhambeni kwezitimela. Kusidle imali enkulu ukulungisa le ngqalasizinda.”
Akuyona kuphela iPrasa ebhekene nale nkinga kodwa nezinye izinkampani ezingaphansi kukahulumeni, okuyiTransnet Freight Rail, Telkom ne-Eskom, zibe nenkinga efanayo yokwebelwa amakhebuli.
Izigebengu bezeba amakhebuli eziteshini eziphehla ugesi.
UNgqongqoshe wamaPhoyisa kuleli, uMnuz Bheki Cele, ukubeke kwacaca ukuthi baqinisa umthetho othinta izinto ezebiwe, wathi ukuqashwa kwezindawo ezifana nolayini bezitimela neziteshi kuzonciphisa le nkinga yokwebiwa kwamakhebuli nokusansimbi.
USihlalo wePrasa, uMnuz Leonard Ramatlakane, uthe kumele ngabe bagxile ekutheni izitimela ziyahamba, hhayi endabeni yokuthi bavikele amakhebuli besebenzisa izigidi.