BAHLEKA bodwa abasebenzi beSouth African Post Office (Sapo) emuva kokuthi inyunyana yabo iSolidarity, iqinisekise ukuthi bazokhokhelwa uR4.5 million wemali ye-medical aid akade bekweletwa yona.
ISolidarity iye enkantolo lapho kuphume khona isinqumo sokuthi iPosi kufanele likhokhe uR4.5 million obukweletwa laba basebenzi kungakadluli uLwesihlanu (7 Okthoba).
UMnuz Anton van der Bijl oyiPhini lesikhulu esibhekele ezomthetho kwiSolidarity, uthe kuyabakhathaza ukuthi izinkampani zikahulumeni ziyahluleka ukulandela izinkontileka ezisayinwe nabasebenzi.
Uthe njengoba beye enkantolo beyofuna uR4.5 million obukweletwa abasebenzi nasekuqaleni basizwa yinkantolo ukuze abasebenzi bakhokhelwe uR3 million ababekweletwa wona.
Uveze ukuthi bazobuyela enkantolo ngo-Okthoba 17 ngoba abafuni ukuthi kube nemali yabasebenzi ekweletwa yiSapo.
“Abantu bayabanjelwa imali ye-medical aid, asazi-ke ukuthi isuke ingasayiswa ngani lapho kufanele iye khona. Lokhu kusho ukuthi abantu bazithola sebengasakwazi ukuya kodokotela nasezibhedlela ezizobanakekela ngendlela efanele. ISapo ifana nazo zonke izinkampani zikahulumeni ezingaphethwe kahle,” kusho uvan der Bijl.
Khonamanjalo uNkk Dianne Kohler Barnard weDA ePhalamende, uthe kufanele uNgqongqoshe wezokuXhumana uNksz Khumbudzo Ntshavheni ayisukumele indaba yasePosini.
Uveze ukuthi ngaphandle kwenkohlakalo edla lubi kunenkinga yokuvalwa kwamaPosi ezoshiya abahola izibonelelo emakhaya bengenayo indawo yokuzihola.
Uthe awu-144 amaPosi asevaliwe eNingizimu Afrika okusho ukuthi baningi abantu osekufanele bakhokhe imali eningi uma beyohola izibonelelo zabo.