UKHALELWE amasongo kaSigonyela uMfundisi, umshayeli wakhe nabazalwane abane abebekade behamba ngemoto eyabikwa ukuthi yebiwe ngo-2011.
Kuthiwa kwale ngisho umsolwa, oneminyaka engu-42, esewachazela amaphoyisa ase-Acornhoek, eMpumalanga, ukuthi wayithenga imoto kodwa amxhakathisa.
Uboshwe ngoLwesine, ephuma nje edamini iKlaserie abekade ematasa kulona nezinto ezithinta inkolo.
Kuvela ukuthi imoto ibonwe amaphoyisa abezulazula eqaphe ubugebengu, ayimisa.
Okhulumela amaphoyisa eMpumalanga, Captain Magonseni Nkosi, uthe imoto beyinezinombolo zayo ngaphambili kuphela, zingekho ngemuva.
“Amaphoyisa enze uphenyo ngemoto ebikade isolisa, kwatholakala ukuthi yiToyota Corolla eyayikade ibikwe esiteshini samaphoyisa eMaake, eLimpopo, ukuthi yebiwe ngo-2011,” kusho uNkosi.
Uqhube wathi uMfundisi utshele amaphoyisa ukuthi yimoto yakhe lena futhi wayithenga kumuntu e-Acornhoek.
Kuthiwa uwatshele nokuthi ubecele umshayeli wakhe oneminyaka engu-26 ukuthi amphelezele nabazalwane abane bebandla lakhe baye edamini bayokwenza okuthile.
Abazalwane ababoshiwe baneminyaka ephakathi kuka-20 no-31.
Bonke babekwe icala lokutholakala nemoto eyabikwa ukuthi yebiwe. Le moto ishaqwe amaphoyisa ukuze aqhube nophenyo.
Bekulindeleke ukuthi abasolwa bavele eNkantolo yeMantshi yase-Acornhoek, ngoLwesihlanu.
Ibamba lomkhuzi wamaPhoyisa eMpumalanga, uMajor General Zeph Mkhwanazi, lishayele ihlombe amaphoyisa ngomsebenzi wawo.
Libe seligqugquzela abantu wathi abathenge izimoto ezindaweni ezigunyazelwe lokhu noma baqale benze uphenyo ngemoto ngaphambi kokuyithenga kumuntu.