IPHUNYULE esiphakamisweni sokungabethembi ubuholi bayo iMeya yaseMsinga, uMnuz Mlethi Ndlovu, esanda kuboshelwa icala elithinta isibhamu.
NgoLwesithathu, umhlangano womkhandlu ulalele isiphakamiso sokungabethembi ubuholi bukaNdlovu, ebesifakwe yi-ANC.
Isiphakamiso sigcine sibhuntsha ngoba iningi lamakhansela lisichithile.I-IFP yiyona enamakhansela amaningi emkhandlwini.
UNdlovu ungaphandle ngebheyile emva kokuboshwa nabaqaphi bakhe.Usahlabe ikhefu ekubeni yimeya futhi nakwi-IFP usamisiwe ezintweni ezithinta inhlangano.
I-ANC emkhandlwini ithe ukuboshwa kukaNdlovu kudicilele phansi igama lomkhandlu.
USotswebhu we-ANC emkhandlwini, uMnuz Mandlakhe Ngobe, uthe bazophinde basifake isiphakamiso sokungabethembi ubuholi bukaNdlovu ngoba ukuba sekhefini kwakhe kuphazamisa ukusebenza komkhandlu.
“Okudidayo wukuthi eqenjini lakhe kuthiwa umisiwe kodwa ngapha emkhandlwini kuthiwa uthathe ikhefu. Ikhansela le-ward lilithatha kanjani ikhefu?”
Uthe okubanikeza isibindi wukuthi akusiwona wonke amakhansela e-IFP aphikise isiphakamiso sabo emhlanganweni wangoLwesithathu.Ukhale ngokuthi amanye amakhansela asabile ukuhambela umhangano.
“Amanye amakhansela asabayo, abone engaphephile, akhetha ukungezi emhlanganweni. Amanye akhethe ukungavoti yize ebekade ekhona emhlanganweni.”
Imizamo yokuzwa uvo lukaNdlovu ayizange iphumelele.UNdlovu uzobuyela enkantolo ngoNovemba 21.
Usolwa ngokuthatha izibhamu azinikeze abaqaphi bakhe ngokungafanele.
UNdlovu uboshelwa isibhamu nje, ubesanda kuba sematheni ekhonjwa emngcwabeni esolwa ngokubulala ikhansela laku-ward 11, uMnuz Siyanda Magubane elathelwa ngoyaba lwezinhlamvu lihamba ngemoto yalo.
Owayekhomba uNdlovu emngcwabeni, wayehamba nekhansela elabulawa.
I-IFP yenza uphenyo lwayo kodwa yakhetha ukuthi uNdlovu aqhubeke nomsebenzi wakhe ngoba ithi akukho okumyamanisa nokubulala ikhansela.
Isitatimende se-IFP sigcizelele ukuthi uNdlovu nabanye abasolwa akukho okubahlanganisa necala lokufa kwekhansela.