IPHOYISA ladubula ngesibhamu somsebenzi endaweni yobumnandi esehlakalweni okwagcina kushone owesilisa elalikade lixabene naye ngoba lizivikela libona lisengozini.
Lokhu kushiwo uMnuz Andile Dakela ongummeli kaSergeant Sibonelo Shabangu othweswe icala lokubulala uMnuz Qaphela Mdima.
UDakela ubephica ngemibuzo uMnuz Ayanda Shabangu ongufakazi woMbuso.
UNgcobo utshele iNkantolo yeMantshi yasePinetown, izolo ukuthi nguShabangu owadubula umufi amahlandla ayisithupha, emdubula ngisho esephakamise izandla ecela uxolo, kwaze kwajama isibhamu.
Kodwa uDakela uthe uShabangu wadubula ebhekise kumufi owayekade naye ephethe isibhamu, sisokhalweni lwakhe ngakwesokudla.
“Ummangalelwa uthe wabona engaphephile ngoba kwakunengxabano eyayiphakathi kwabo isuswe ukuthi umufi wayekade encike emotweni yakhe,” kusho uDakela.
Kusolakala ukuthi uShabangu waxabana nomufi bebanga ukuthi wayekade ebeke indololwane emotweni yakhe.
UNgcobo uphikile ukuthi umufi wayephethe isibhamu. Udalule nokuthi wayemi eduze kukamufi edutshulwa futhi wawa emuva kokuqhuma kwesibhamu ihlandla lesibili.
Isigameko senzeka ebusuku ngoNovemba 2022 ngaphandle kwendawo yobumnandi iCasa Blanka Lifestyle, eMolweni eThekwini.
UDakela uthe utshelwe uShabangu, ongaphandle ngebheyili kaR5 00 ukuthi wabaleka emuva kwesigameko ngoba wayeziphephisa kumalungu omphakathini ayesevuke inja ebomvu
Lo mmeli uthe uShabangu wahambisa lesibhamu somsebenzi esiteshini samaphoyisa saseHillcrest, wafike wabika okwenzekile sase siyathathwa kwabhalwa phansi sase sifakwa ezintweni eziwubufakazi.
UNgcobo uthe isibhamu okukhulunywa ngaso saqathazwa uShabangu phansi sesijamile, saphelela ezandleni zomuntu ayefike naye kule ndawo.
Uphothule ubufakazi bakhe ntambama uNgcobo, wase ebuza iMantshi M.A Khumalo efuna isiqiniseko sokuthi inkantolo ngeke isambiza azofakaza. Kuhleke wonke umuntu enkantolo ngisho uShabangu ebhokisini labasolwa.
Icala lihlehliselwe uJuni 5 lapho kulindeleke ufakazi omusha woMbuso.