IPHINI leMeya yeTheku elisha elivela kwiNFP uNksz Zandile Prudence Myeni (41), lithi ngeke libe yisichuse se-ANC kodwa lizosebenzisana nawo wonke umuntu ukuhambisa izidingo ebantwini.
UNksz Myeni uxoxe neSolezwe ngeSonto eqeda ukukhethelwa esikhundleni sePhini leMeya yeTheku, emhlanganweni obuse-ICC ngoLwesihlanu ebusuku.
Ukukhethwa kwephini lemeya kulandela ukuketulwa kukaMnuz Philani Mavundla obengasezwani ne-ANC neMeya, uMnuz Mxolisi Kaunda. UNksz Myeni ubebanga isikhundla noMnuz Mdu Nkosi ohola ikhokhasi ye-IFP. UNksz Myeni uthole amavoti angu-128 emavotini angu-209 bamsukumisa ngengoma, kwachwaza inkundla wayohlala eduze kukaKaunda.
UNksz Myeni odabuka eMlaza eThekwini, uthe isikhundla asiphethe akusona esenhlangano ethile kodwa ungene kusona ngenxa yokusebenza ngokuhlanganyela kwamaqembu.
“Ngicabanga ukuthi kufanele kubhekwe indaba yengqalasizinda kamasipala, siyilungise ngokushesha ngoba ziningi izinto ezingahambi kahle. Kulabo abacabanga ukuthi ngizoba yisichuse se-ANC, cha abalinde babone umsebenzi,’’ kusho uNksz Myeni.
Uthe into okufanele ilungiswe wukudonsisana nokuklolodelana ngoba kubambezela umsebenzi wokuhambisa izidingo kubantu.
“Sesifikile isikhathi sokuthi thina esingamakhansela siyeke ukubanga izinto ezingathi shu. Kufanele sizibekele ukuthi eminyakeni emihlanu esiyinikiwe sisebenze. Kufanele sihlanganise izihlalo zethu esinazo sibe munye, izwi lethu lizwakale,’’ kusho uNksz Myeni.
I-NFP inesihlalo esisodwa kuMasipala weTheku, esiqhoqhobelwe wuyena uNksz Myeni, obuye abe nguNobhala wenhlagano yakhe esifundazweni. Uke wasebenza enguthisha, wangena nasemkhakheni wezinyunyana njengoba eseyiphini lemeya.
Emcimbini ekhethwe kuwo kukhethwe uSotswebhu womkhandlu uNksz Patience Sishange, naye othole amavoti angu-128. UNksz Sishange oyikhansela le-ANC, ungene esikhundle esishiywe wuMnuz Thembo Ntuli oyiBamba likaSihlalo wezokuHlaliswa kwaBantu neNgqalasizinda.
IMeya yeTheku uKaunda, ibongele bobabili abakhethiwe, yathi izimsiele ngokusebenzisana nabo ukuhambisa izidingo kubantu. UKaunda ucele abantu baseThekwini ukuthi babekezele ngoba izinkinga okukhalwa ngazo ziyalungiswa.