WAYEFAKELWA imali yesitokofela neyokubolekwa kuma-akhawunti asebhange uMengameli wezimantshi KwaZulu-Natal, omisiwe emsebenzini ngoxhaxha lwamacala athinta ukugwazisa nawocansi.
Lokhu kushiwo ummeli, uMnuz Ravindra Maklilall, esigcawini esiqondisa ubugwegwe uMnuz Sibusiso Eric Nzimande eThekwini.
UMaklilall ubekade ebuza futhi ecacisela ufakazi, uMnuz Johannes Meijer, ukuthi kwakungeyona imali okwakugwazelwa ngayo uNzimande.
UNzimande, owamiswa emsebenzini ngo-Okthoba 2018, uthweswe amacala angu-162.
Kulawa macala kukhona nawokugwazisa ngemali nangocansi kwababekade befuna ukuba yizimantshi okwesikhashana, okuyizinsolo aziphikayo uNzimande.
UMaklilall utshele uMeijer ukuthi uhlu lwamacala aluhlanganisa waze wayolubika emaphoyiseni luyageja, akulandelwanga umthetho futhi kwaphulwa amalungelo kaNzimande, kwathunazwa isithunzi sakhe.
Lo mmeli ube esekhanyisela uMeijer ngezigatshana zomthetho, wambuza ukuthi kuyicala yini okwakwenziwa uNzimande nozakwabo emsebenzini uma bebolekana imali?
UMeijer uhlonywe imibuzo yalulo hlobo kaningi, wagcina esebuka ngasethimbeni labameli beKhomishini yeziMantshi afakaza ohlangothini lwalo.
UMaklilall utshele lo fakazi wathi ukubuka kwakhe, abameli ngeke kumsize ngalutho, akaphendule imibuzo.
UNzimande, ophucile ekhanda, ubegqoke isudu nezicathulo ezimnyama, ihembe elimhlophe nothayi nezibuko. Ubethule du, eloba phansi konke okukhulunywa uMeijer.
Ubebuye abhale ephepheni okuthile abekudlulisela kuMaklilall obenqekuzisa ikhanda samuntu ovumayo.
UMaklilall uvalele ekhoneni uMeijer, obebuye aphendule ngokuthi akazi, akasakhumbuli, eminye imibuzo ayibhekiswe kwababekade bephenya uNzimande, okwakhe kwakuwukuhlanganisa uhlu lwamacala anikezwa lona wasebikela amaphoyisa.
“Imali enguR140 000 enithi yafakwa kwi-akhawunti yasebhange kaNzimande wuNkk Gumede (Lindelwa) wayebolekwa yona. UNzimande wawukhokha uR40 000 wayo. Nencwadi efungelwe kaNkk Gumede iyacacisa ukuthi babebolekene imali,” kuchaza uMaklilall.
Ummeli ucacise nangemali okuthiwa yakhokhwa kwi-akhawunti kaNzimande ngumabhalane wasenkantolo. Le mali, uMaklilall uthe kwakungeyesitokofela ababesidlala noNzimande.
UMaklilall ube esengena nakwamanye amacala athweswe uNzimande, wathi asolwa ngokwenza nabo inkohlakalo bayazihlangula.
“Laba abasebenzi abenza imisebenzi eyehlukene enkantolo, bakhala ngokuthi kungcoliswa amagama abo ngenhloso yokubanqinda bangakhuphukeli ezikhundleni eziphezulu ngomuso,” kusho uMaklilall.
Ummeli ubuze uMeijer ukuthi bamazisa yini uNzimande ukuthi uyaphenywa njengoba aze athola ngombiko wabezindaba? Uphendule wathi akazi, akuyena owayephenya.
Isigcawu siyaqhubeka.