LIGAYA ngomunye umhlathi ePhalamende nonyaka ngoba kunemigomo emisha ezovimba ukuphazamiseka kwenkulumo kaMengameli Cyril Ramaphosa, ebhekiswe esizweni.
Imigomo emisha izoqala ukusebenza kusasa uma uRamaphosa esethula inkulumo yokugcina ayibhekise esizweni njengoba kuzoba nokhetho lukazwelonke. Inhloso yemigomo wukuthi inqande abazophazamisa umengameli okuyinto esiphenduke insakavukela.
Sekufana nesiko ukuthi iqembu i-EFF liphazamise inkulumo kamengameli njengoba yenza kuRamaphosa kanti phambilini bebekwenza kusahola uMnuz Jacob Zuma.
USomlomo wePhalamende uNkk Nosiviwe Mapisa-Nqakula, esithangamini sabezindaba izolo, udalule ukuthi inhloso yemigomo emisha wukuthi kungaphazanyiswa inkulumo uma kuhleli izindlu zombili zePhalamende, okubalwa neyoMkhandlu wezifundazwe.
Uveze ukuthi imigomo izokwenza kube nozinzo, nesithunzi ePhalamende.
“Ngokwemigomo alikho ilungu elinemvume yokuphazamisa umengameli uma esethula inkulumo ayibhekise esizweni. Le migomo ibalula nokuthi akumele kube nezinto ezizodingidwa ngaphandle kwenkulumo kamengameli uma kuhleli izindlu zombili. Sethemba ukuthi izohlonishwa imigomo ibuyise nesithunzi sePhalamende.”
USihlalo wendlu yoMkhandlu wezifundazwe uMnuz Amos Masondo, uthe imigomo ayibhekisiwe kuphela kwi-EFF.
“Le migomo ayibhekisiwe eqenjini elithile kuphela kodwa eyawo wonke ePhalamende. Sethemba ukuthi imigomo izolandelwa, ihlonishwe.”
INkantolo eNkulu eWestern Cape izolo, iyichithile i-EFF ebifake isicelo esiphuthumayo sokuthi kuvunyelwe abaholi okubalwa nomengameli weqembu uMnuz Julius Malema, iphini lakhe uMnuz Floyd Shivambu, uDkt Mbuyiseni Ndlozi, unobhala jikelele uMnuz Marshall Dlamini, ukuthi babe yingxenye yenkulumo.
Bamiswe isikhathi esiyinyanga ePhalamende kanti bazobanjelwa nomholo wenyanga ngokungena esijeti bephethe izingqwembe bebhikisha ngesikhathi uRamaphosa ethula inkulumo ayeyibhekise esizweni nyakenye.
Kuvele ukuthi kubekwe uR6.5 milllion wokuvulwa kwePhalamende nenkulumo kaRamaphosa. Eminyakeni edlule bekubekwa uR5 million womcimbi.
Kuvele ukuthi kumenywe nababengomengameli bezwe oMnuz Thabo Mbeki, Kgalema Montlanthe noJacob Zuma.
Kubheke uZuma ongakaze alibeke selokhu uRamaphosa athatha izintambo.
Abanye ababhekiwe kubalwa uMnuz David Mabuza, owayeyiphini likamengameli wezwe, owayenguSomlomo wePhalamende uNksz Baleka Mbete, owayeyiphini likamengameli uNkk Phumzile Mlambo-Ngcuka nezinye izimenywa.