KUMBANGELA ukhwantalala nengcindezi ukucabanga ngosuku okwabulawa ngalo umyeni wakhe, umfelokazi wephoyisa eladutshulwa eWolawola, eNanda ngo-2021.
UNksz Thokoza Sibisi wayeyingoduso yephoyisa, uWarrant Officer Maqhawe Sithole (54) owadutshulwa esigamekweni esenzeka kwakhe ngo-24 Juni 2021.
Umufi wadutshulwa ngabesilisa abangaziwa eNanda maqede bamphuca isibhamu base bayabaleka.
Ngemuva kwalokho ngoJuni 29 amaphoyisa abopha, uMnuz Thembokwakhe Xulu (26) waseMayville ongumsolwa wokuqala.
Kwathi ngoJulayi 6 abopha umsolwa wesibili, uMnuz Nkululeko Ntuli (23) waKwaMaphumulo. Bobabili abakaze bayithole ibheyili.
Izolo eNkantolo yeMantshi yaseNtuzuma, uNksz Sibisi ubethula ubufakazi ngakubona kwenzeka ngosuku lwesigameko.
Utshele inkantolo ukuthi umnyombo wengxabano phakathi kukamufi nabesilisa ababili kwaba ukuthi bamthuka.
"Mina laba bantu ngangizitshela ukuthi bazongibamba inkunzi ngesikhathi besondela eduze kwami,'' kuchaza yena.
Uthe abesilisa babebabili, oyedwa owayegqoke isikibha esimhlophe wamthuka futhi ezenza umuntu odakiwe.
"Ngesikhathi ngibona ukuthi laba bantu bafuna ukulwa nami ngasuka ngemoto. Bona beza kimina ngokushesha baqamba amanga bathi ngibashayisile,'' kuchaza yena.
Ngemuva kwalokho uthe umufi wasondela wababuza ukuthi bamthukelani umkakhe.
"Kwasuka isixakaxaka lapho. Ngasuka ngokushesha lapho ngoba ngangibona ukuthi kukhona ingozi,'' kuchaza yena.
Uthe wabuya sekuthiwa usedutshuliwe umufi, uthe wavele wazulelwa yikhanda base bemphuthumisa esibhedlela ngemoto yomunye wesilisa athe igama lakhe nguDeon.
Uthe ngemuva kwezinsuku ezimbili wathola izindaba ezibuhlungu zokuthi umyeni wakhe usedlulile emhlabeni.
Ulandise inkantolo ngobunzima bempilo kusukela athola izindaba zokuthi useshonile uSithole.
"Ngiye ngizizwe nginokhwantalala nengcindezi engingayazi ukuthi ivelaphi njalo uma ngicabanga ngokubulawa kwakhe. Yebo khona ngaya kwabaluleka ngengqondo kodwa le nkinga namanje isakhona,'' echazela inkantolo.
Uthe ukhwantalala lumvuka kakhulu uma ecabanga ngezingane zabo ezimbili amshiya nazo.
Eyokuqala uthe ineminyaka eyisishiyagalolunye, eyesibili ifunda u-matric nonyaka ineminyaka engu-17.
"Lo ofunda u-matric ubalisa njalo ngokuthi ukuba uyise usaphila ngabe kuningi okuhamba kahle. Ngivele ngiphatheke kabi njalo uma ngimuzwa esho njalo,'' kuchaza yena.
Uthe kwesinye isikhathi ubuye ahlulwe nayimali yasesikoleni abone nje ukuthi kwavula isikhala esikhulu ukubulawa kukayise wezingane zakhe.
IMantshi, uM. Motala icala ube eselihlehlisela uMeyi 7 no 8 nonyaka ukuze kuqhubeke nokuthi kubizwe abanye ofakazi.
"Basebaningi abanye ofakazi okusamele beze lapha bazofakaza kuleli cala,'' kugcizelela uMotala.