UKHALA ngobunzima bempilo owesifazane owakhishwa iso emuva kokulimala enkonzweni. UNksz Thabisile Ntombela uthe ubuhlungu bokulimala usabuzwa yize esefakwe iso lokufakelwa.
UNksz Ntombela walimala Ekuthuleni Zion Church eseNanda ngoJuni nonyaka evakashele kule libandla eyofuna ukuthandazelwa.
Ekhuluma neSolezwe ngobunzima bempilo yakhe nendlela azizwa ngayo njengoba kuzongena icala lakhe eNkantolo yeMantshi, eNtuzuma namhlanje uthe; “Ngangizitshela ukuthi lesi simo angeke ngikwazi ukusimela.
“Ngisaphathwa ikhanda nsuku zonke, eligwaza lisuka lapho iso lalikhona. Ngiyacabanga ukuthi leli elinye iso alikakajwayeli ukuthi elinye alisekho, liba mfiliba futhi uma kushisa kuphuma izimbici kuleli lokufakelwa,” kusho uNksz Ntombela.
Uqhubeke ngokuthi njalo ebusuku uma esezolala kumele alikhiphe iso lokufakelwa, uveze nokuthi ngobunye ubusuku wabonwa ingane yakhe eneminyaka emibili elikhipha, wathi isibuye ilingise yena idlale ngelayo ilipotopotoze yenza sengathi iyalikhupha njengelakhe.
“Kubuhlungu ngoba yangibona ngilimala enkonzweni. Ngifisa ukuthi sisuke leso sithombe engqondweni yayo. Kodwa uma ekhumbula okwenzeka, ngifisa azi ukuthi umama wabekezela noma kunzima wangikhulisa,” kusho yena.
Uthe ngeke aphinde alubhade enkonzweni yomoya emva kokulimalela khona.
“Ngangididekile ngokulimala kwami ngizibuza ukuthi ngabe lokhu kulimala kunguphawu oluthile noma kusawuhlelo lukaNkulunkulu ngempilo yami.
“Ngikhula ngangingakaze ngizicabange ngikule lizinga senginesitho esingekho, yingakho ngingeke ngaya enkonzweni kamoya ngoba yangishiya nokukhubazeka,” kusho uNksz Ntombela.
Uthe enye yezingqinamba abhekene nazo ukuthi abantu ezinkundleni zokuxhumana bebebuye bahlekise ngesimo sakhe ngoba bethi uvale iso okungelona ayelivalile kwi-video yeSolezwe.
Abanye uthe bamfonela bemushela bethi bangamushada yize noma esekhubazekile futhi ukuphumela obala nodaba lwakhe kwakungekona ukuthi ufuna izesheli.
“Kukho konke umndeni wami uyangeseka. Ngizimisele ukuthi ngiqhubeke nempilo nebhizinisi lami engiliqalile lokuluka nokuzicwala ubuso ukuze libe yimpumelelo ngokuhamba kwesikhathi,” kusho uNksz Ntombela.
Uphinde wathi kukho konke uzimisele ukuthi le licala libe yimpumelelo ngoba ufuna ukuthi umphathi webandla uNkk Nonkululeko Nxumalo nowesilisa owamlimaza, bamkhokhele isinxephezelo.