SEBESOLA igama lesiNgisi okwaqanjwa ngalo isikole iFranklin, eKokstad, eNingizimu yeKwaZulu-Natal ukuthi kungenzeka ukuthi linomthelela ekwehliseni izinga lesikole osekuholele ekutheni singahlomuli ngendlela efanele kwisabelomali sonyaka kuhulumeni.
Umlando waso uveza ukuthi siyisikole esizimele esasifunda amakhaladi ngezikhathi zobandlululo.
Lokhu kudalulwe uthishanhloko wesikole i-Franklin High, uMnuz Bambezakhe Mbutho, emcimbini wokuthandazela izingane njengoba zilungiselela izivivinyo zika-matric eziqale namhlanje.
Lo mcimbi ubuhanjelwe uNobhala we-ANC KwaZulu-Natal, uMnuz Bheki Mtolo, obegqugquzela abafundi ukuthi bazimisele kwezemfundo baphase ngamalengiso nalapho ephinde wabapha nezijumbana zokudla njengoba abanye bebekhempe ezikoleni belungiselela izivivinyo.
Uhambo lukaMtolo luqale esikoleni samabanga aphakeme eKokstad, iShayamoya.
Ethula inkulumo yakhe kulo mkhuleko, uMbutho ukhale kakhulu ngengcindezi abanayo yokuhlomula emalini kahulumeni njengoba ethi esikoleni sakhe kufundwa mahhala, izidingo zaso zibhekelwa ngemali kahulumeni.
“Inkinga esinayo nje ukuthi thina kulesi sikole sabekwa ngaphansi kwezikole ezisezingeni lesithathu esikhundleni sokuba sezingeni lokuqala njengoba kuyisikole somphakathi ohlwempu, isikole sasemapulazini lesi lapho abantu bakhona bephila ngemali yesibonelelo sikahulumeni, abanye basebenza emapulazini,” kusho uMbutho.
Uthe noma kunjalo bayaxoxisana nabazali kubekhona imali abayikhiphayo njengoba leyo abayithola kuhulumeni ingafiki ngesikhathi futhi ingalingene izidingo zabo ngenxa yokuthi babekwa ezingeni okungesilona elesikole.
UMbutho udalule ukuthi sebebhalele uMnyango wezeMfundo eMgungundlovu kaningana, bekhala ngalolu daba kodwa abakaze bathole impendulo kumbe kufike umuntu ozophenya ngodaba lwesikole.
Uthe kwafika umlungu thizeni kwangaba khona ukulandeleka kodaba.
“Esikhundleni salokho kuvela ukuthi siyisikole samakhaladi futhi sesisola ukuthi naleli gama lesikole iFranklin, kungenzeka ukuthi linomthelela kodwa thina siyisikole sabantu abadla imbuya ngothi,” kusho uMbutho.
Okhulumela umnyango wezeMfundo uMnuz Muzi Mahlambi, uthe isikhalo sesikole bazosidlulisela kwababhekele ukuhlela emnyangweni ukuze basicubungule kabanzi, bese belungisa.
Uthe phambilini bekwenzeka uthole ukuthi kukhona ukukleliswa kwezikole ngendlela engafanele.
“Bekuthi uma isikhalo esifuze lesi sesifike emnyangweni, sisisukumele bese siyalungisa,” kusho uMahlambi.