I-NATIONAL Union of Metalworkers of South Africa (Numsa) ayeneme neze ngokuphasiswa kwesivumelwano seTakatso Consortium neSouth African Airways (SAA) esigunyazwe yiCompetition Commission.
Ukuphasiswa kwalesi sivumelwano kusho ukuthi iTakatso izothola u-51% wamasheya e-SAA bese uhulumeni egcina u-49%.
UNkk Phakamile Hlubi-Majola okhulumela iNumsa, uthe bafuna simiswe isivumelwano seTakatso sokuthenga iSAA ngoba basola ukuthi kunenkohlakalo kulolu hlelo.
Uthe babhalele iPhalamende elibhekelele ukusebenza kwezezimali zomphakathi ukuba liqinisekise ukuthi uNgqongqoshe wamaBhizinisi kaHulumeni, uMnuz Pravin Gordhan, uyaphendula ngalo.
“Asineme ngokuthi iSAA isithengwe wosomabhizinisi abangabangani nabathile kuhulumeni. Sithole ukuthi uMnuz Jabu Moleketi owayeyiphini likangqongqoshe wezeziMali uwumqondisi weHarith General Partners enamasheya amaningi kwiTakatso Consortium. Siyabona nje ukuthi lesi sivumelwano sinenkohlakalo,” kusho uNkk Hlubi-Majola.
Uthe abafuni ukuthi siqhubeke lesi sivumelwano futhi iPhalamende alenzi lutho ukumisa le nkinga.
UMnuz Matthew Parks okhulumela iCosatu ePhalamende, uthe kubona okubalulekile wukuthi kuvuselelwe iSAA nemisebenzi eyalahleka.
“Siyazi ukuthi iziphakamiso zeCompetition Commission kufanele zihlonishwe. Izinkampani ezinamabhanoyi kufanele ziqinisekise ukuthi akudluliswa imininingwane ebucayi yokuncintisana. Kubalulekile ukuthi kuvuselelwe iSAA kubuyiswe nemisebenzi yabantu eyalahleka ngesikhathi kuvalwa le nkampani. Kungakuhle ukuthi kuqashwe abantu ababediliziwe yiSAA. Kufanele kuvuke nezinye izinkampani okubalwa iSAA technical,” kusho uParks.