IKHUZA umuga i-Azapo ngokungagadwa kwethuna lesishoshovu somzabalazo uSteve Biko. Lokhu kwenzeka ngemuva kokucekelwa phansi kwethuna likaBiko, lapho kubhonculwe izinsimbi eziwumfanekiso wezandla eziboshiwe.
Ithuna lesishoshovu liseSteve Biko Garden of Remembrance eGinsberg, eQonce, e-Eastern Cape. Abe-Azapo bathi babikelwe ukuthi kubonakale sezingasekho izinsimbi zethusi eziwumfanekiso wezandla zomuntu oboshiwe.
“Simangazwa wukuthi uMasipala iBuffalo City Metro awunakekeli, uhlinzeke ngezokuphepha endaweni ebaluleke kangaka. Ithuna likaBiko nendlu yakhe kwemukelwa nenjengendawo yamagugu ngaphansi kwe-South African Heritage Recources Agency,’’ kusho i-Azapo.
Kuthiwa abenhlangano iSteve Biko Foundation, yibona ababikele umndeni kaBiko ngokucekelwa phansi kwetshe lethuna, okuthiwa akwaziwa ukuthi kwenziwe ngubani futhi akunamkhondo.
UBiko owayengumholi weBlack Consiousness Movement (BCM), edabuka eKing Williamstown, wafela esitokisini ngo-1977, ePitoli. Ukufa kwakhe kuthiwa kwaba wumphumela wokushawa kanzima ngamaphoyisa ngenxa yezenzo zakhe zokulwela inkululeko.
Abe-Azapo bathe kuyichilo okwenzekile futhi kukhombisa ukuthi uhulumeni awunandaba neqhaza likaBiko emzabalazweni wenkululeko yezwe. I-Azapo ithe kungakuhle uma umasipala engase uyibiyele le ndawo bese eyihlinzeka ngezokuphepha ukuze kungaphinde kwenze lokhu.
Bacele amaphoyisa ukuthi asheshise aphenye kabanzi ukuze abambe labo noma lowo owenze lo mhlolo, wacekela phansi ithuna likaBiko.
Ngo-2022, kwabikwa ngokucekelwa phansi kwetshe lethuna lesinye isishoshovu somzabalazo uMnuz Chris Hani. Itshe lethuna likaHani lacekelwa phansi ngezinsuku okwadedelwa ngazo umbulali wakhe, uJanusz Walus.
Ngo-2019 kwabikwa ngokucekelwa phansi kwethuna lesishoshovu uMnuz Moses Mabhida eliseMbali, eMgungundlovu. Nakhona umndeni wawukhala ngokunganakekelwa kwethuna likaMabhida.