INTOKOZO ibibhalwe ebusweni kumalungu omphakathi waseFrere, e-Estcourt, ngoLwesihlanu, ngesikhathi kwethulwa ugesi welanga ozowasiza ukusebenzisa izinto zikagesi nokukhanyisa.
Uhlelo lokufakela umphakathi lo gesi lulethwe ngabakwaShell. Zikhuluma neSolezwe, izakhamuzi esezikhulile zakule ndawo, ziveze ukuthi selokhu kwathi nhlo, le ndawo ayikaze ibe nawo ugesi.
UNkk Duduzile Radebe (61) ongomunye wabathole uxhaso, uthe ujabule kakhulu njengoba umuzi wakhe ufakelwe ugesi welanga futhi unethemba lokuthi isimo senhlalo angeke isafana njengoba sebezophila ekukhanyeni.
“Ngikhule kangaka nje, indawo yethu angikaze ngiyibone ikhanya, bengiqala ukubona ngomuzi wami futhi ngisizakele kakhulu ukuthola lolu xhaso.
“Ukungabi nagesi bekwenza impilo ibe nzima kakhulu ngoba besigcine singakwazanga ukwenza ezinye izinto ezibalulekile,” kuchaza uNkk Radebe.
Uthe okwenza kube nzima kakhulu ukuthi unamakhanda angu-11 abheke yena kanti baziphilisa ngemali yakhe yempesheni futhi akasakwazi ukuhamba ngoba washaywa yisifo sohlangothi.
“Bengingakwazi ngisho ukuzibekela amanzi okugeza uma ngisele ngedwa endlini ngoba angikwazi ukuyotheza izinkuni kodwa manje sekuzoba lula konke ngoba sengizosebenzisa iketela,” kuchaza uNkk Radebe.
Uthe bese belahle ithemba ngoba kudala bebona ezinye izindawo zifakelwa ugesi kodwa bebengazitsheli ukuthi nabo kuyobafica ukukhanya.
UNkk Octavia Gabela (57), uthe kudala behamba bengena iminyango ehlukene bezama uxhaso lukagesi kodwa kungathembisi ukuthi kuzolunga.
“Lo gesi uzoletha ushintsho ngoba sesizokwazi ukuthenga amafriji ukuze sizofaka inyama, siphinde sikwazi nokushaja amaselula eduzane.
“Imali beyimosheka kakhulu ngoba besithenga amakhandlela zonke izinsuku futhi nezingane sezizokwenza kangcono esikoleni ngoba bekunzima ukufunda ngekhandlela uma zibhala esikoleni,” kuchaza uNkk Gabela.
Uthe ukudla angeke kusamosheka ehlobo ngoba bekuphoqa ukuthi bagcine sebekulahla ngenxa yokuthi bekonakala kodwa manje sebezokufaka emafrijini.
Umeluleki wezinguquko kwaShell, uNkk Ntobeko Mogadime, uveze ukuthi baqala uhlelo lokulekelela imiphakathi engenawo ugesi luphinde lwenze ngcono isimo senhlalo ngoba ugesi uletha ithemba.
“Siyinkampani sibonile ukuthi njengoba isibalo sabantu sanda kanjalo nesidingo sikagesi, size nohlelo lokushintsha ukwaziwa njengenkampani edayisa uphethroli kuphela kodwa siphinde saziwe njengenkampani eletha ugesi ohlanzekile.
“Sithe uma siqala lolu hlelo sabheka ukuthi yiziphi izindawo ezihlushwa kakhulu ugesi, sathola ukuthi eKZN sinamagaraji amaningi namadepho
“Sibone i-Estcourt ihlushwa kakhulu ugesi kulesifundazwe, ngoba sine-Ultra City kule ndawo sabe sesihlela ukuthi siqale khona,” kuchaza uNkk Mogadime.
Okhulumela iShell, uNksz Pam Ntaka, uthe esigabeni sokuqala inkampani ihlele ukufakela imizi engu-200 endaweni yase-Estcourt. E-Frere bazofakela imizi engu50 bese bedlulela eWeenen, baxhumele imizi engu-150.
Uthe njalo ngenyanga indlu ngayinye izothenga ivawusha ebiza uR200 ukuze kubelula ukuthi kuthunyelwe umuntu ozowahlola noma ozowukhanda.Uthe amavawusha azothengwa iminyaka emihlanu kuphela, ngemuva kwalokho ubunikazi buzodluliselwa emphakathini.
“Sihlele ukuthi kuphele uSepthemba sesiyiqedile le mizi ewu-200 futhi inhloso yethu enkulu ukuthi siqhubeke senze okufanayo kuzona zonke izifundazwe,” kuchaza uNksz Ntaka.
Uthe lolu hlelo luphinde luveze amathuba emisebenzi ngoba baqasha abantu bendawo ukuthi balekele ngokufakwa kukagesi welanga kanti nentsha eqedile esikoleni ilekelela ngokubhalisa abantu abadinga ukufakelwa logesi.