UKWENYUSWA kwentela kagwayi e-Afrika kungasiza ekutheni kunciphe ukusetshenziswa kwawo kuleli zwekazi.
Ucwaningo lwakamuva olwenziwe umcwaningi we-University of Cape Town, uNkk Samantha Filby, olusanda kushicilelwa emqingweni wezempilo i-British Medical Journal Tobacco Control, beluhlaziya ubudlelwane phakathi kwentengo kagwayi nemiphumela yokubhema emazweni ayisishiyagalombili ase-Sub-Saharan Africa, luthole ukuthi ukwenyuswa kwentela ekhokhwa ngabakhiqizi bagwayi kungasiza ekutheni kunciphe ukusetshenziswa kukagwayi kula mazwe. Amazwe abehlaziywa bekuyi-Botswana, Cameroon, Ethiopia, Kenya, Nigeria, Senegal, Tanzania ne-Uganda.
UFilby uthole ukuthi ukwenyuswa kwentela ekhokhwa abakhiqizi bakagwayi kungasetshenziswa njengethuluzi lokunciphisa umkhiqizo, okuzokwenza ukuthi ugwayi ubize. Uthe lokhu kuzokwenza ukuthi sehle isibalo sabantu abaqala ukubhema kwande abawuyekayo.
Uqhube wathi ukushibha kukagwayi kwenza ukuthi babe baningi abaqalayo ukuwubhema.
Uthe uma kubhekwa ukusetshenziswa kukagwayi emhlabeni, i-Afrika ibonakala njengezwe elinenkinga yabantu abaningi ababhemayo, kuze kuthiwe ukubhenywa kukagwayi e-Afrika kufaniswa nobhubhane.
Uthe nakuba le lisu libukeka lingasebenza akulula ukuthi abasunguli bemithetho elawula ugwayi balisebenzise ngoba kudingeka ukuthi kube nobufakazi obubambekayo bokuthi ngempela ukunyuswa kwentengo kungasebenza.
" Ngeshwa ucwaningo olunjengalolu e-Afrika aluluningi ngakho ngeke kube lula ukuthi kubhekwe ukuthi abacwaningi abehlukene babetholeni uma behlaziya lokhu, okungaholela ekutheni umgomo wokuthi kukhushulwe intela kubakhiqizi kube yinto engeke yenzeke maduze," kusho Filby.
Lolu cwaningo uthe belwenziwa ngabantu abangu-51 270, uthole ukuthi abafisa ukuqala ukubhema nababhemayo bayabheka ukuthi ugwayi ubiza kanjani. Ukushibha kwawo uthe kwenza ukuthi babe baningi abafuna ukuqala kanti ukubiza kwenza ukuthi bahambele kude ngenxa yezindleko kulawa mazwe.
Kulolu cwaningo, abacwaningi basebenzise intengo ukuze babone ukuthi ukubiza nokushibha kukagwayi kunamuphi umthelela, okwaziwa nge-elasticity demand.
" Le ndlela iveze ukuthi uma intela yenyuswe ngo-10% bayancipha abafuna ukuqala ukubhema kodwa uma yehlile izinga liyenyuka. Kubuye kwavela ukuthi uma ugwayi ubiza ababhemayo behlisa isibalo sikagwayi abawubhemayo ngosuku," kusho yena.