ACELA ku-4 000 amaphoyisa kuleli umsebenzi wawo okungukuvikela umphakathi kodwa okungenzeka ukuthi ayizigebengu ngokwawo, okuyisimo esibeka abantu engcupheni.
Lokhu kuvele ngesikhathi uNgqongqoshe uMnuz Bheki Cele ephendula umbuzo we-DA wokuthi mangaki amalungu esiphoyisa ahamba amacala kodwa ebe eqhubeka esebenza. UCele uthe kunamaphoyisa angu-3 981 abekwe amacala kodwa ayaqhubeka nokusebenza.
UCele uthe esewonke amaphoyisa aboshiwe kusukela ngo-2019, angu-5 489 kodwa angu-3 981 asasebenza.
Kuphinde kwavela nokuthi phakathi kwamacala amaphoyisa athinteka kuwona kukhona awokudlwengula, ukubulala, ukuzama ukubulala nokuqamba amanga ngaphansi kwesifungo.
Kuvela namacala enkohlakalo nokufuna imali (ukugwazelwa), ukukhipha isibhamu emphakathini, ukugqekeza indawo yebhizinisi nokulimala komuntu ngenxa yokubeka isibhamu budedengu.
Kukhona nabahamba amacala okushaya kabi ngenhloso yokulimaza, bese kuba khona necala lokulaxaza ingane. UCele udalule nokuthi eminyakeni emine edlule angu-430 amaphoyisa alahlwe ngamacala, agwetshwa kodwa abe-DA kabagculisekile ngalokhu.
Ilungu lePhalamende le-DA, uMnuz Orke Terblanche, lithe kuyashaqisa ukuthi abantu abalindeleke ukulwa nobugebengu, kodwa bayizigebengu bona qobo lwabo.
“Kusho ukuthi sinamaphoyisa alengelwa yingozi yokuthi angase alahlwe ngamacala noma nini. Lokhu kudalwa wukuthi izinhlelo zokuqondisa ubugwegwe azishayi khona. Kuvele kuthiwe umuntu angamiswa izinsuku ezingu-60 kuphela, emuva kwalokho kuyaphela,'” kusho uTerblanche.
Uphakamise ukuthi kube nohlelo lokuthi amaphoyisa amiswe, kuze kube kuqedelwa udaba losuke esolwa ngalo. Uthe akuzwakali kahle ukuthi kube namaphoyisa asebenzayo kodwa ebe ehamba amacala kwawona.
Kuvela lezi zibalo nje, uCele ungaphansi kwengcindezi enkulu ngoba kukhalwa ngokwenyuka kwezinga lobugebengu ezweni. Izibalo zobugebengu ezikhishwe ekugcineni zikhombe ukuthi itshe limi ngothi.
Nsuku zaphuma kuleli phephandaba sibika ngezigameko zokubulawa kwabantu ngobugebengu, ukusocongwa kwabaholi bomdabu, abesifazane ababulawa abanobudlelwano nabo kanye nezisebenzi zikahulumeni ikakhulu komasipala lapho kushisa khona umbango wamathenda.
Kunjalo nje uCele usanda kulahlwe yicala ekomitini lokuziphatha kwamalungu ePhalamende. UCele watholwa enecala lokungaziphathi kahle ngesikhathi ekhaca indoda esidlangaleni eyitshela ukuthi ayithule.